IQEMBU uMkhonto weSizwe (MKP) selisole i-ANC ngokuyichithela isikhathi ngokubuyela enkantolo ifuna ukuthi ivunyelwe ukudlulisa isinqumo sokuchithwa kwayo embangweni wegama nophawu olusetshenziswa yi-MK.
UNobhala Jikelele we-MK, uMnuz Arthur Zwane, uthe i-ANC ayizange ifike ngisho enkantolo enkulu ukuzolwa udaba.
UZwane usho lokhu izolo, ekhuluma namalungu eqembu ngaphandle kweNkantolo eNkulu eThekwini, kulandela ukugodlwa kwesinqumo.
Abengekho amalungu nabaholi be-ANC enkantolo, ithumele abameli bayo.
IJaji uMahendra Chetty lithe lizokhipha isinqumo kulolu daba emuva kokuzwa amaphuzu abevela kubameli be-ANC nabe-MK.
I-ANC ibuyele enkantolo ifuna ukuvunyelwa ukuthi isidlulise isinqumo sokuchithwa kwayo yinkantolo ngo-Ephreli nonyaka, eyavuna i-MK odabeni lophawu negama njengoba uKhongolose uthi ngelawo.
UZwane ukhwele wadilika kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene wathi ngowabadayisi.
“Ayikho into okuthiwa uhulumeni wobumbano kodwa abadayisi. I-ANC ingabadayisi isebenzisana nabamhlophe, akuwona uhulumeni wobumbano.”
Uthe uphawu negama abalisebenzisayo elabo, wathi bazoliwina futhi icala.
“Besisodwa nje enkantolo, bengekho. Basaba ngisho ukuza entweni yabo.”
Umholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma, ufikile enkantolo ezolalela ukuqhubeka kwecala, kwathi uma seliguqa waphuma wahamba. Akazange aye ngisho ukuyokhuluma nabalandeli abebengaphandle kwenkantolo.
Ubehamba nendodakazi yakhe uDuduzile, kanti bekulindeleke ukuthi uzophefumula ngokuxoshwa kwakhe i-ANC ngokuhola i-MK nokwehlisa ukwesekwa kukaKhongolose okhethweni.
Ummeli we-MK, u-Advocate Dali Mpofu, uthe icala le-ANC ngeke lithele zithelo.
Uthe umonakalo wenzeka okhethweni ngakho akukho okuzoshintsha.
Ummeli we-ANC, u-Advocate Gavin Marriott, uthe kusazoba nezinye izinketho ngakho ukusetshenziswa kwegama yiMK kuzoba nomthelela.
I-ANC ithi enye inkantolo ingafinyelela esinqumeni esehlukile kunesenkantolo enkulu yingakho ifuna udaba ludluliselwe eNkantolo okuDluliswa kuyo amaCala.