I-MK ifuna kuchithwe ukuqokwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Le nhlangano ifake amaphepha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho ifuna khona ukuthi kuchithwe umhlangano okwaqokwa kuwo uNtuli.
Kulo mhlangano owawungoLwesihlanu, kwaphinde kwaqokwa uSomlomo wesiShayamthetho sesifundazwe, uNksz Nontembeko Boyce, nePhini likaSomlomo, uNksz Mmabatho Tembe.
IMK ikhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuhleli lo mhlangano.
Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano, abeMK baba nezikhalo eziningi okukhona kuzo ukuthi kukhona abantu abakhombisa abanye ukuthi bavote kanjani ngesikhathi kuvotwa ngokuyimfihlo.
Baphinde bakhala nokungavunyelwa ukuyogada ngesikhathi kubalwa amavoti.
Umgqugquzeli weMK KwaZulu-Natal, uDkt Kwazi Mbanjwa, uthe ibashiya nemibuzo eminingi eyokungavunyelwa kwesicelo sabo sokuba bayobuka ngesikhathi kubalwa amavoti.
"Yini kanti lena eyayenziwa ngesikhathi kubalwa amavoti ababengafuni ukuthi siyibone?"
UMbanjwa uthe abakwamukeli ukuqokwa kukaNtuli neKhabhinethi alimemezele izolo.
UMbanjwa uthe konke lokhu okumenyezelwe uNtuli kusazoshintsha uma sekuphume isinqumo ecaleni abalifakile.
UMbanjwa uthe iMK okufanele iphathe uhulumeni waKwaZulu-Natal ngoba iyona eyathola amavoti amaningi.
IMK yayivota ne-EFF ngesikhathi kukhethwa undunankulu.
Amalungu eMK abebhocobele ngesikhathi kuqhubeka umcimbi.
Usihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, akazange abonakale emcimbini wayizolo.
Amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana akwamukele ukuqokwa kweKhabhinethi elisha, athi awathuswa icala elifakwe iMK.
USotswebhu we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uthe abaholi beMK bakhombisa ukungazimiseli ngomsebenzi.
"Asinaso isikhathi sokudlala thina. IMK ifike yathi ifuna ukuvotelwa, yajika lapho yathi ayisayi ePhalamende. Bathi noma befika lapha esiShayamthetho bafike bazibangela umsindo."
UGwala uthe banelisekile ngabaholi abaqhamuka kwamanye amaqembu abaqokelwe ezikhundleni.
UGwala ukushayele ihlombe ukufakwa koMnyango wezokuPhepha koMphakathi ngaphansi kwehhovisi likandunankulu.
"Udaba lokulwa nobugebengu lubalulekile, ludinga iso elibukhali. Iso likandunankulu Ilona elizokwazi ukubheka kahle lolu daba."
Okhulumela i-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe akakungabazi ukuthi lizochithwa icala elifakwe iMK.
"Kahle hle iyihlaya le nto abayenzayo."
UMndebele uthe bazibophezele ekusebenzisaneni kahle namaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana.
Uthe bafuna ukubona kuphuthunyiswa ukuhanjiswa kwezidingo ebantwini.
Usihlalo weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, uthe ukuqokwa kweKhabhinethi kukhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni wokubambisana ungakwazi ukusebenza.
"Siyisibonelo esihle lapha KwaZulu-Natal, sithemba ukuthi abaholi bakazwelonke nabo bazobukela kithi, benze into efanayo. Siyaziqhenya ngokuthi kube khona abaholi beDA abaqokiwe. Abaholi bethu abaqokiwe banesipiliyoni esiShayamthetho saKwaZulu-Natal."
UMacpherson uthe okubajubulisa kakhulu ukuthi bayishiye ngaphandle iMK ne-EFF ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni waKwaZulu-Natal.