UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthi uhulumeni uzoyeka ukusebenzisa amaloli ezinkampani ezizimele asiza imiphakathi ngamanzi.
Uthe bewuhulumeni waseKZN bayaqhubeka bakhipha amaloli athutha amanzi nezinsiza kusebenza kanti omasipala asebezokwenza umsebenzi.
UZikalala uthe bakwenza lokhu besebenzisa i-Operation Khawuleza okuwuhlelo lokunika abantu intuthuko ngokushesha.
UZikalala ubekhuluma esithangamini nabezindaba eDurban Exhibition Centre eThekwini muva nje.
Kusona bekuhlangene izinhlaka ezehlukene zikahulumeni kuhlanganisa iPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, ezaManzi nokuThuthwa kweNdle uMnuz David Mahlobo, iKhabhinethi yaseKZN nomasipala kudingidwa izinkinga ezithinta udaba lwamanzi KwaZulu-Natal.
Bamukele nombiko weWater Research Commission ocacisa ngesimo samanzi KwaZulu-Natal.
Njengamanje amadamu anamanzi alinganiselwa ku-50% kuya ku-60%.
UZikalala uthe bakubeke eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathola amanzi kuzona zonke izindawo.
“Imvula esike sayithola siyazi ukuthi ifike emuva kwesikhathi umonakalo usumkhulu ngenxa yesomiso nokuthi kwezinye izindawo ayisebenzi ngendlela ingqalasizinda okumele ngabe ihlinzeka abantu ngamanzi. Sibheke kakhulu nokuthi sidonse amanzi ngaphansi komhlaba ngohlelo lwamapitsi. Sifuna omasipala basebenzise amaloli abo ukusiza abantu ngamanzi,” kusho uZikalala.
Uthe bafuna kushintshwe indlela eminye imifula ehambisa ngayo amanzi ngokuthi kwakhiwe amadamu amancane ukuze amanzi angahambi wonke ayophelela olwandle.
“Sicela imiphakathi isebenzise amanzi ngendlela eyiyo siwonge. Singathi ngoba amanzi asekhona empompini siwaxhaphaze. Asingathuli futhi uma sibona ukuthi ompompi bavuliwe ezindaweni lapho abantu bekha ndawonye, amanzi agxaze nje,” kusho uZikalala.
Ngaphezu kwalokho uZikalala uthe bewuhulumeni babhekene ngqo nodaba olumayelana nezinto ezingcolisa amanzi okubalwa kuzo indle namakhemikhali ezinkampani angena emanzini.
“Konke lokhu siyafisa ukuthi kuphele. Iminyango kahulumeni ngokwehlukahlukana kwayo ayixoxe nezinkampani nabo bonke abantu abathintekayo,” kusho uZikalala.