I-IFP inqumele iBhange loMbuso, i-SA Reserve Bank, ugwayi katiki ngesikhathi inombhikisho wokuphikisana nesicelo sokuvalwa kweThala.
Amalungu e-IFP athe afuna kumiswe izinhlelo zokuvalwa kweThala, athi afuna nokuthi leli bhange linikezwe ilayisensi yokuba yibhange khona lizosebenza ngokukhululeka.
Izinkumbi zamalungu e-IFP zibe nombhikisho eThekwini.
Imashi iqale eKing Dinuzulu Park, yaze yayophelela emahhovisi eBhange loMbuso akuleli dolobha.
Kume yonke into ngesikhathi amalungu e-IFP ehamba emigwaqweni esenkabeni yeTheku.
Ikusasa leThala alicaci njengoba ngoLwesihlanu kuzolalelwa isicelo sokuba livalwe.
Isicelo sokuba kuvalwe Ithala sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, kanti sifakwe wuhlaka olungaphansi kweBhange loMbuso, i-Prudential Authority.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bayaphikisana nemizamo yokuvalwa kweThala.
UHlabisa uthe ukuvalwa kweThala kuzokhinyabeza umnotho wesifundazwe iKwaZulu-Natal.
“IThala lasungulelwa ukufukula abantu abamnyama kwezomnotho ngesikhathi sobandlululo. Nangaphansi kwentando yeningi Ithala liqhubekile ngokwelekelela abantu abangakwazi ukuthola uxhaso emabhange amakhulu.
“IThala liyatholakala ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini. Emadolobheni amancane Ithala kuphela ibhange elikhona. Kulawo madolobha Ithala liyithemba lokugcina ngisho kulabo abahola izibonelelo zikahulumeni.”
UHlabisa uthe njengoba amakhasimende aseThala engakwazi ukukhipha imali yawo baningi kakhulu abakhahlamezekile.
“Sizwelana nemindeni eminingi engakwazi ukukhipha imali. Sizwelana nalabo abathola izibonelelo zikahulumeni okuvele kwathathwa imininingwane yabo ngaphandle kwemvume, yayonikezwa elinye ibhange.”
UHlabisa uthe bafuna ukuthi Ithala linikezwe ilayisensi yokuba yibhange khona lizokwazi ukuqhubeka lisebenze.
“Sifuna ukuthi Ithala livulwe, liqhubeke lisebenze. Sifuna ukuthi iBhange loMbuso liqhamuke neqhinga lokuthi Ithala lizoqhubeka kanjani lisebenze. Asifuni Ithala lilokhu lincikiselwa, kuthiwa liyavalwa, liyavulwa.”
UHlabisa unikeze iBhange loMbuso izinsuku ezingu-21 ukuba liphendule izimfuno zabo, wathi bazophikisana nayo yonke imizamo yokuvalwa kweThala.
“Ithala liwumgogodla womnotho waKwaZulu-Natal. Ithala liyifa esalishiyelwa nguMntwana waKwaPhindangene (umsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi. Sizolivikela Ithala kuze kube sekugcineni.”
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal ophinde abe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, uthe ngeke bavume ukuthi kuvalwe Ithala.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uyasiphikisa isicelo sokuba kuvalwe Ithala.