KUBHEKWE ukuthi i-IFP neDA banikwe isikhundla sokuhola ikomiti esaphucwa kabuhlungu i-EFF kuMasipala waseThekwini.
I-IFP neDA kulindeleke ukuthi banikezwe izikhundla zokuphatha amakomiti amasha abunjwe emva kokuhlukaniswa kwekomiti ebeliphethwe i-EFF.
Ikomiti elihlukaniswe phakathi elokuHlaliswa kwaBantu, manje sekuzokuba nekomiti elibhekele ezithinta Amanzi, uGesi nokuQoqwa kukaDoti, bese kuba khona elibhekele ukuHlaliswa kwaBantu, ezokuThutha nezobuNjiniyela.
Isinqumo sokuhlukaniswa kwekomiti sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungoLwesibili, umhlangano womkhandlu iwona ozothatha isinqumo sokugcina ngokusungulwa kwamakomiti amasha.
IMeya kaMasipala, uMnuz Cyril Xaba, ithe bakhethe ukuhlukanisa ikomiti phakathi ngoba bafuna ukuthi umkhandlu ubhukule ekuhambiseni izidingo kubantu.
UXaba uthe ukusungulwa kwamakomiti amasha kuzokwenza ukuthi kube lula ukuqapha ukusebenza kweminyango engaphansi kwalama komiti, wathi kuzokwenza ukuthi umasipala uqoqe imali eningi.
Ikomiti lokuHaliswa kwaBantu beliphethwe ikhansela le-EFF, uMnuz Themba Mvubu, owakhishwa ngasekuqaleni kwalo nyaka emva kokuchitheka komshado we-ANC ne-EFF.
Umthombo onolwazzi ngodaba uthe izikhundla zokuphatha amakomiti amasha zizonikwa i-IFP ne-DA.
La maqembu abengabhekani ne-ANC eThekwini, kodwa kubukeka sengathi seligaya ngomunye umhlathi manje njengoba sekunohulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal nakuzwelonke obunjwe ilamaqembu womathathu.
I-IFP neDA abazange bawungenele umbango wesikhundla sobumeya ngesikhathi kuqokwa uXaba ngasekuqaleni kwenyanga, phambilini la maqembu abeyaye ayibangise i-ANC uma kuqokwa imeya.
Amakhansela e-IFP neDA kuMasipala waseThekwini akuncomile ukuhlukaniswa kwamakomiti, kepha athi awazi lutho ngendaba yezikhundla okuthiwa azonikwa zona.
Ohola i-IFP kuMasipala waseThekwini, uMnuz Mdu Nkosi, uthe ikomiti lokuHlaliswa kwaBantu bekufanele lihlukaniswe, wakhala ngokuthi belinomsebenzi omningi kakhulu.
“Empeleni kudala la makomiti ayehlukene. Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ongaphikisana nalesi sinqumo ngoba sibeka phambili abantu. Umuntu mhlawumbe ongaphikisa iloyo ozicabangela yena yedwa.”
UNkosi uthe akazi ngendaba yokuthi bangase banikwe isikhundla, wathi izingxoxo ziphethwe ubuholi obuphezulu.
“Thina sizozwa ngobuholi obuphezulu bese silandela lokho abakushoyo.”
Ohola iDA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe ukuhlukaniswa kwekomiti kuzokwenza ukuthi kube lula ukuthi balandelele ukusebenza kweminyango engaphansi kwekomiti.
UMthethwa uthe azikho izingxoxo zokuthi banikwe isikhundla.
“Ingakho bengakhethwanga osihlalo bamakomiti ngoba azikho izingxoxo.”