USihlalo weqembu leNkatha esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli usejube amakhansela e-IFP kuMasipala weTheku ukuthi enze uphenyo ngodaba lwama vawusha kaKhisimusi asesuse umsindo emva kokuthi abanye bengawatholanga.
Lokhu ukusho ngesikhathi abaholi be-IFP KwaZulu-Natal behambele eChesterville ukuyonikeza izaguga ukudla kukaKhisimusi.
UNtuli unxuse amakhansela e-IFP ukuba enze uphenyo futhi alandelele ukuthi Kungani kukhethwe iphela emasini uma kukhishwa lama vawusha.
Uqhube wathi amakhansela aseThekwini awalandele ukuthi singakanani isabelo mali ebesikhishilwe ukuba sisetshenziswe ukuze athengwe iward ngayinye.
Ezinye zezaguga ezinikezwe ithuba lokuthu ziphawule, zizwakalise izikhalazo ezahlukene ngesimo senhlalo eThekwini, nabathe selaphenduke indawo eqhelelene nenhlanzeko njengoba izitamukoko ziqhumela emigwaqweni futhi linezinga lobugebengu eliphezulu.
“Sibhekene nenkinga enkulu yokungcola, izitamkoko ziqhumela emigwaqweni kanti indle isiyasaphezeka lonke idolobha.
Kweminye yemihlangano yomkhandlu ngenyanga edlule udaba lwama vawusha lwasusa uSomlomo uMnuz Thabani Nyawose eveza ukuthi usethole izikhalo ngalo kanti wanxusa ukuba amakhansela amaward alusingangathe ngokubambisana namakomiti amaward.