I-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal isigxeke izinhlelo zikahulumeni waKwaZulu-Natal zokwakha isiShayamthetho esisha eMgungundlovu.
Uhulumeni wesifundazwe uhlela ukwakha isakhiwo esisha eMgungundlovu esizohlanganisha isiShayamthetho kanye namahhovisi kahulumeni.
I-IFP ithe ukwakhiwa kwesiShayamthetho esisha kuwukuchithwa kwemali yabakhokhi bentela.
Leli qembu liphakamisa ukuthi kusetshenziswe isiShayamthetho esisoLundi, nokuyiso ebesisetshenziswa ngesikhathi kusaphethe i-IFP kulesi sifundazwe.
Lokhu kushiwo umengameli we-IFP, nongumholi waleli qembu esiShayamthetho, uMnuz Velenkosini Hlabisa, esithangamini nabezindaba, izolo.
Ukwakhiwa kwesiShayamthetho esisha kuzodla ephaketheni uhulumeni wesifundazwe imali engaphezu kukaR6 billion.
Ukwakhiwa kwaso kuzohlukaniswa izigaba ezintathu kanti kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngo-2028.
UHlabisa uthe uhulumeni wesifundazwe awunayo imali yokwakha isiShayamthetho esisha.
Uthe abasiboni isidingo sokuthi kuphinde kwakhiwe esinye isiShayamthetho ekubeni sikhona esisoLundi.
“Isakhiwo esisoLundi siyilungele imihlangano yesiShayamthetho futhi kukhona nezakhiwo ezingaba amahhovisi eminyango kahulumeni. Kungani kufanele sakhe into esivele sinayo oLundi?
“Uhulumeni awusebenzise lezindlu zawo ezisoLundi bese kuthathwa le mali obekuzokwakhiwa ngayo ukudala amathuba emisebenzi kanye nokugcina izidingo ezifana nokulungiswa kwezikole, izibhedlela, imigwaqo namabhuloho.”
UHlabisa uthe akaboni ukuthi uhulumeni kazwelonke uzovuma ukuthi uhulumeni wesifundazwe uhambe uyoboleka imali yokwakha isiShayamthetho esisha.
“Uma isifundazwe sifuna ukuboleka kufanele sivumelane nohulumeni kazwelonke. Owayengungqongqoshe wezeZimali, uMnuz Trevor Manuel, wakuvimba ukwakhiwa kweziShayamthetho ezintsha.
“Wanquma ukuthi kusetshenziswe lezo ezikhona. Yingakho izifundazwe zisebenzisa izakhiwo ezivele zikhona. Ngisho nohulumeni kazwelonke akazange akhe iPhalamende elisha, usebenzisa iPhalamende elidala.”
UHlabisa uthe uLundi lubalulekile emlandweni kaZulu, wathi ukusebenzisa kukahulumeni wesifundazwe leli dolobha kungasiza ekugcinweni kwamagugu kaZulu.
“Olundi kulapho kukhona isigodlo seSilo uCetshwayo, nesashiswa amaNgisi emva kwempi yaseSandlwana, lapho amaNgisi anqotshwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika. Ulundi lubhekene nakwaNodwengu, esigodlweni seSilo uMpande.
“ULundi lubude buduze noMgungundlovu wangempela, okuyisigodlo seSilo uDingane. Esifisa ukukwazi ukuthi kungani uhulumeni we-ANC ungahambisani nezinto eziwumlando namagugu kaZulu?”
I-ANC KwaZulu-Natal ithe iyakweseka ukwakhiwa kesiShayamthetho esisha.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe isakhiwo esisha sizokwenza kube lula ukusebenzisana kweminyango eyahlukene kahulumeni njengoba amahhovisi ayo ezokube esendaweni eyodwa.
UNtombela uthe lolu hlelo luzosiza ekudalweni kwamathuba emisebenzi.
Ungqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Jomo Sibiya, uthe uhulumeni uyaqhubeka nezinhlelo zawo ngesakhiwo.