I-IFP ishaye i-ANC ngembibizane ezingxoxweni zokubambisana komasipala baKwaZulu-Natal, lapho kungekho khona iqembu elinqobe ingcaca.
Njengoba kunomasipala abangu-18 kulesi sifundazwe okufanele babuswe ngokubambisana, i-IFP isimemezele ukuthi angeke isebenzisane ne-ANC kulabo masipala.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-IFP obuhleli ngempelasonto.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe okwenza bengafuni ukusebenzisana ne-ANC kulesi sifundazwe kungenxa yokungahoshelani okukhona phakathi kwala maqembu esifundazweni.
UHlabisa uthe yize i-IFP inobudlelwano obuhle nobuholi be-ANC kuzwelonke, kepha abanabo ubudlelwano obuhle nobuholi bale nhlangano esifundazweni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba, izolo, eThekwini.
UHlabisa utshele abezindaba ukuthi kuningi okwenza bengaboni ngaso linye nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
“Kube khona ukuklwebhana ikakhulukazi lapho besibheke khona okhethweni lapho khona ubuholi be-ANC bebuchukuluza ngisho umsunguli we-IFP imbala, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
“Ziningi izinto ezisadinga ukulungiswa phakathi kwethu. Kukhona udaba lokuqanjwa kwesifunda se-ANC iZululand, ngoMnuz Mzala Nxumalo. Lokhu bakwenze ekubeni bazi ukuthi uNxumalo wabhala incwadi ethuka uButhelezi,” kusho yena.
UHlabisa uthe ngaphandle kwalezi zizathu, abakuboni kuwumqondo ophusile ukusebenzisana ne-ANC athe abantu bakhombise ukuyishaya ngesithende okhethweni.
“I-ANC ibenzele phansi kakhulu abantu bakuleli. Ingakho abantu bakuleli bengazange bayivotele okhethweni. Angeke kube umqondo ophusile ukuba sisebenzisane nayo ekubeni abantu bakuleli betshengise ngokusobala ukuthi abasafuni ukuphathwa yi-ANC,” kusho yena.
UHlabisa uthe abanankinga nokubambisana ne-ANC kwezinye izifundazwe, wabalula ukuthi bebe bambisene kahle kakhulu naleli qembu kumasipala iJohannesburg.
UHlabisa uthe bazoxoxa namanye amaqembu ezepolitiki kodwa wathi angeke basebenzisane namaqembu agqugquzela ubandlululo noma lawo adume ngokungaphathi kahle omasipala.
Khonamanjalo; isigungu esiphezulu kwi-ANC besihlangene izolo ukubhunga ngezingxoxo zokubambisana.
Lo mhlangano wesigungu esiphezulu uqale izolo ntambama.
IPhini likaNobhala Jikelele kule nhlangano, uNkk Jessie Duarte, lithe bese behlanganile namaqembu amaningi ezepolitiki ukubhunga udaba lokubambisana.
“Sisazoqhubeka sihlangane namanye amaqembu ezepolitiki. Njenge-ANC sizimisele ukuthola isisombuluo esizosebenzela abantu bakithi.”
Isigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal sona sizokuba nowaso umhlangano namhlanje lapho sizobhunga ngemiphumela yokhetho.
Ubuholi be-DA kuzwelonke nabo bebuhlangene izolo ukubhunga ngalolu daba.
Kuzwelonke, bangu-66 omasipala abazobuswa ngokubambisana.