I-IFP ihleli emkhulekweni wokuthi umkhulumeli wayo kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, alulame ekuguleni okumxinile waze wangeniswa esibhedlela.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto uHlengwa onguSihlalo weStanding Comitee on Public Accounts (Scopa) ePhalamende, ungeniswe esibhedlela esiseThekwini engemuhle kahle.
Leli phephandaba bese likuhabulile emthonjeni walo owazi izindaba ze-IFP ukuthi uHlengwa ungeniswe esibhedlela ekhala ngezinhlungu.
Umthombo ubuzwakala ukhathazekile ngesimo sikaHlengwa ngesikhathi uxoxa ngokuxinwa kwakhe wukugula futhi kuthiwa amalungu eqembu abemfisela ukululama emthandazela.
Izindaba zokuxineka kukaHlengwa ziqinisekiswe yiqembu lakhe i-IFP eveze ukuthi uke wahlolelwa igciwane iCorona kodwa kwatholakala ukuthi akanalo.
Kuthiwa imiphumela yakhe yeCovid-19 ibuye ngoLwesine ikhomba ukuthi akanalutho. Noma kunjalo kodwa ukugula kuqhubekile nokumnakashela kwacaca ukuthi kufanele akusukumele azame ukuthola usizo. Kuthiwa ungeniswe esibhedlela ukuze axilongwe wudokotela azame ukuthola ukuthi kwenzenjani. I-IFP ayicacisanga ukuthi uHlengwa ukhomba ini kodwa ithe inethemba lokuthi uzolulama abuyele emisebenzini yakhe kuleli sonto elisombuluka kusasa.
“Singakuqinisekisa ukuthi umhlonishwa uHlengwa akamuhle kahle empilweni uzoke ahlabe ikhefu lesikhashana. UMnuz Narend Singh uqokwe ukuba abambe esikhundleni sokukhulumela iqembu njengoba uHlengwa esathathe ikhefu lokugula. Uyelulama uHlengwa futhi kulindeleke abuyele emsebenzini maduze nje,’’ kusho isitatimende se-IFP. USingh obambe izintambo zokukhulumela i-IFP unguMgcinimafa wayo kuzwelonke kanti unguSotshwebhu wayo ePhalamende.
UHlengwa ungeniswa esibhedlela nje bese kunezinsuku ekhala ngokuthi akazizwa kahle kodwa kungathi yinto edlulayo. I-IFP esitatimendeni ivale ngokuthi ifisele uHlengwa ukululama okusheshayo.