IKHOMISHINI eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), isichithe eyokuchema nenyunyana iSadtu ngokuqasha othisha abasuke besebenza ngesikhathi sokhetho.
Ikhomishini ithe ayikhethi nyunyana uma iqasha abasebenzi.
UMnuz Masego Sheburi oyiPhini leSikhulu esiPhezulu sekhomishini, utshele ikomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki ayingxenye yekomiti elisuke lihlanganisa wonke amaqembu njengoba kusuke kuyiwa okhethweni.
Uthe kuleli komiti wonke umuntu ubeka umbono nganoma yini ethinta ukhetho.
“Akukho emigomeni yethu ukuthi siqasha othisha kuphela sishiye abanye abantu. Asiqashi futhi othisha abadlelana neqembu elithile lezepolitiki. Uma sesiqashe abantu abazokwengamela ukhetho ezikhungweni ezehlukene, sihambisa amagama abo kuleli komiti.”
Uveze ukuthi uma kukhona igama elishayisa amakhala, noma ngubani kuleli komiti angaphakamisa ukungahambisani nalelo gama.
“Sisuke sikwenza lokho ngoba singafuni kuthiwe siqashe abantu abayiqembu elithile. Asifuni kuthiwe kukhona into engahambanga kahle okhethweni.”
Ubalule nokuthi abakwazi ukungaqashi abathile ngoba kuthiwa bangothisha noma ngoba bangamalungu enyunyana ethile.
Uchazele ikomiti ukuthi uma sebemqashile ozokwengamela ukhetho, kubhekwa umazisi wakhe ukuthi akekho yini ohlwini lwabantu amaqembu ake afolosa ngabo okhethweni olwedlule.
“Sibheka nokuthi akakaze yini alahlwe amacala ngoba asifuni ukuthi sibe nabantu abake baphambana nomthetho. Amaqembu asuke eyingxenye yalo lonke lolu hlelo.”
Sekuyinsakavukela ukuthi njalo uma kuzoba nokhetho amanye amaqembu akhale ngokuqashwa kothisha beSadtu ukuthi bangamele ukhetho.
Amaqembu asuke ekhala ngokuthi kuqashwe abantu be-ANC, njengoba le nyunyana idlelana nale nhlangano.
Ikhomishini yakuveza phambilini ukuthi izikhungo eziningi zokuvotela kuleli yizikole cishe ezikhona ezingxenyeni eziningi zezwe.
Lapho kungekho khona izikole, amasonto, imitholampilo, amahholo nezinye izikhungo ezingasetshenziswa uma sekuvotwa, ikhomishini igxumeka amatende okuzotelwa kuwona.
Izikhulu zekhomishini ziveze ukuthi kule mpelasonto esiya kuyona izovulela uhlelo lokubhalisela ukuvota. Ziveze ukuthi zibheke kakhulu ekubhaliseni abantu abangu-14 million, abangabhalisile.
Bangu-26.2 million abantu abasemqulwini wokuvota kuleli.
USheburi uthe ukucinywa kukagesi okuqhubekayo ngeke kuziphazamise izinhlelo zokulungiselela impelasonto yangoNovemba 18 no-19.