IKHOMISHINI yezoKhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) isithembise ukuthi izolikhokhela maduzane idlanzana elisele labasebenza ngokhetho, elingakabatholi onsumbulwane balo.
Ikhomishini ithe kusele kuphela u-2% wabasebenza ngokhetho abangakaholi.
Ithe u-98% wabasebenzi ababalelwa ku-270 000, sebayithola imali yabo.
Ikhomishini iveze lokhu kuphela izinyanga ezimbili namhlanje kwaba nokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe olwalungoMeyi 29, nonyaka.
Isitatimende sekhomishini, sithe okwenze kwaba nokubambezeleka ukukhokhela abasebenzi ngeminye yemininingwano engafikile kubalwa neyasemabhange.
“Imiqingo ithinta indaba yokungasayinwa kwamaphepha ashoyo ukuthi babesebenza, imininigwane yasemabhange kanjalo nezinkontileka ezingasayiniwe. Ngaphandle kwale mininingwane, asikwazi ukukhokha. Inqwaba yabasebenza ngokhetho sabakhokhela ngoJuni,” kusho ikhomishini.
Ikhomishini iyalele abangakakhokhelwa ukuthi baxhumane namahhovisi ekhomishini lapho babeqashwe khona ukuze kulungiswe izinkinga ezikhona.
Ithe uma kungukuthi abakwazi ukufinyelela emahhovisi, bangathumela imininingwane yabo nge-email ku:[email protected].
Kumele bafake amagama abo agcwele, inombolo kamazisi, izinsuku abazisebenza, isikhungo ababesebenza kusona kufaka nesifundazwe nenombolo yocingo.
Ikhomishini iveze ukuthi iphoqwe ngumthetho ukuthi ibambe imali yentela uma sebekhokhelwa.
“Sikhumbuza abasebenza ukuthi kumele sibambe imali yentela ezoya ophikweni oluqoqa intela iSouth African Revenue Services (SARS).”
Ekhasini likaFacebook lekhomishini, abaningi bebekhala ngentela, bethi babanjelwe imali enkulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kube nezikhalazo ezinhlakeni ezehlukene ngolayini abade ezikhungweni zokuvota ngosuku lokhetho.
Iqembu iMK lize yaya enkantolo ifuna kuqalwe phansi kubalwe kabusha ngoba lingeneme ngemiphumela yokhetho.
Izinkantolo zibe matasa ngamacala ahlukene athinta ukhetho.