IKHOMISHINI eyengamele ukhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ihlinzeke amaqembu ezepolitiki ngohlu lwabazobe besebenza ezikhungweni zokuvotela ukuze kususwe ohlwini labo abayizishoshovu emaqenjini epolitiki.
Lokhu ikhomishini ikwenza ukuze iqede izikhalazo ezihlale ziba khona ngesikhathi sokhetho zokuthi kuqashwa othisha abangamalungu eSadtu, eyingxenye yeCosatu edlelana ne-ANC.
Isikhalazo sisuswa yizinsolo zokuthi ukhetho ngeke lube ngolukhululekile ngenxa yokuthi izikhungo eziningi ziphethwe abantu abahambisana neqembu elithile lezepolitiki.
UMnuz Mashego Sheburi ibamba lesikhulu esiphezulu sekhomishini, likhuluma emhlanganweni weDefend Democracy ngempelasonto, uthe banike amaqembu uhlu kule nyanga ukuze akhiphe labo abasola ngokuba yingxenye yamaqembu.
Uthe kumele kulethwe izikhalazo ngalabo bantu, bese ikhomishini ibakhipha ohlwini.
“Umuntu owengamela ukhetho akumele abambe iqhaza eqenjini lezepolitiki. Akumele kube ngukuthi usekwe walahlwa yicala eminyakeni emihlanu edlule. Njalo uma kuzoba nokhetho kuhlalwa kukhalwa ngokuqashwa kothisha beSadtu, yingakho siwanika amaqembu ukuze akhalaze ngabo uma bekhona ohlwini.”
Uthe kumanje bamatasa baqeqesha abantu abazobe besebenza ezikhungweni ezevile ku-23 000 ngonyaka ozayo.
USheburi uthe nakuba besalinde isinqumo ngamacala afakwe eNkantolo yoMthethosisekelo ngezithinta umthetho omusha wezokhetho ofaka ukungenela okokuqala ukhetho kulabo abazozimela, kodwa bahlabela phambili namalungiselelo okhetho.
“Ukhetho kumele lubanjwe ungakashayi u-Agasti 2024. Ngokomthetho ukhetho kumele lubanjwe ezinsukwini ezingu-90, kuphele ihlandla likahulumeni.”
Uthe i-Independent Candidate Association SA (Icasa), iye enkantolo ikhala ngokuthi baphathwa ngenye indlela abangenela ukhetho ngokuzimela njengoba kudingeka bathole amavoti aphindiwe kunamaqembu ukuze bathole izihlalo ePhalamende.
Uqhube wathi i-One South Africa Movement, ikhala ngokuthi kuwumqansa ukuthi abangenela ukhetho ngokuzimela kudingeka bathole ama-signature angu-14 000 ngaphambi kokuba bangenele ukhetho.
“Inkantolo isigodlile isinqumo kodwa iyazi kubaluleke kangakanani ukuthi isikhiphe ngaphambi kokhetho ngoba lolu daba luyaphuthuma. Siwafakile amaphepha enkantolo ukuchaza ngezinto okukhalwa ngazo.”
Uthe uhlelo abaqale ukulusebenzisa okhethweni olwedlule luyakwazi ukubamba labo asebevotile kwezinye izikhungo.
Uveze ukuthi intsha iyona eningi emqulwini wokuvota.
“Intsha ephakathi kuka-30 no-39 ingu-6.6 million, kulandela abaneminyaka engu-40 kuya ku-49 ngo-5.8 million. Bangu-25.9 million abasohlwini lokuvota kuleli, iningi labo abesifazane abangu-14.3 million.”
Uthe angaphezu kuka-300 amaqembu abhalisile ukuze avotelwe wathi angu-48 angenela ukhetho ngo-2019.
Ukhale ngokuthi zingu-928 iziteshi zokuvota ezingamatende kuleli ngoba kulezo zindawo zisuke zingekho izikole noma amasonto wathi kwezinye bayanqaba ukuthi kusetshenziswe lezi zikhungo ukuze kuvotwe.