IKHOMISHINI eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), isigxeke abaholi bomphakathi abagovuza abantu ngokuthi badube ukhetho babhikishele ikhomishini ngoba bengeneme ngokuthile.
UMnuz Sy Mamabolo isikhulu esiphezulu sekhomishini, ugxeke laba baholi ngokunqabela abantu, wathi akekho onelungelo lokwenza lokhu.
“Kumele bagxekwe laba baholi abenza lokhu ngoba bavimbela abanye abantu ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvota. Yinto okumele ixazululwe le, sethemba ukuthi laba baholi bazobona iphutha, bayaphambuka ngokuvimba abantu.”
UMamabolo ukusho lokhu izolo esithangamini sabezindaba eGoli, lapho ebededela khona izibalo zabaphumile ngempelasonto ukuyobhalisela ukuvota.
Ukusho lokhu nje, kwezinye izindawo obekubhaliselwa ukuvota kube nemibhikisho kwavalwa nezikhungo ngoba kukhona umphakathi okhala ngakho, okuyizidingo.
Uveze ukuthi bangu-2.9 million abantu abaphumile baya eziteshini zokubhalisa ngempelasonto kusuka ngoMgqibelo nangeSonto.
“Abantu abasha ababhalisile ngempelasonto bangu-568 374. Iningi lababhalisile yintsha, eneminyaka engu-16 kuya ku-29, engu-445 089 ebhalisile. Ithela izithelo imizamo yekhomishini yokuthi kubhaliswe abantu abasha,” kusho uMamabolo.
Uthe abesifazane yibona abaningi ababhalisile ngempelasonto njengoba bengu-298 500, okungu-52.52%.
“Bangu-196 511 ababhalise besebenzisa uhlelo lwe-online. Umqulu wokuvota usunabantu abangu-26.8 million.”
UMamabolo uveze ukuthi izifundazwe iGauteng, Western Cape neKZN, yizona ezibe nabantu abaningi ababhalise besebenzisa uhlelo lwe-online.
Uthe iGauteng yisona sifundazwe esinabantu abaningi asebebhalisile ohlwini lokuvota kuleli ngabangu-6.2 million.
Uveze ukuthi bangu-610 948 ababhalise eGauteng ngempelasonto, bangu-559 933 eKZN kuthi e-Eastern Cape bangu-516 547.
Isifundazwe esibe nesibalo esincane sababhalisile yiNorthern Cape ngabangu-72 844.
Uthe abantu bangasakwazi ukuqhubeka babhalisele ukuvota kuze kumenyezelwe usuku lokuvota.
“Sizophinde sivule elinye ithuba lokugcina lokuthi abantu baphume bayobhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho. Kodwa usuku sizolumemezela uma sekusondele ukhetho.”
Ubonge abantu bakuleli abasabele ikhwelo lekhomishini baphuma bayovota.
Unxuse nabagada izaguga ukuthi baxhumane nekhomishini ukuze ikwazi ukuzivakashela izibhalisele emakhaya.