INHLANGANO eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ifuna lingahoxiswa icala elifakwe i-MK, efuna kuqalwe phansi ukhetho.
I-IEC ifuna ukuthi iNkantolo yezoKhetho ichithe imizamo yeMK yokuhoxisa icala njengoba ifuna ukuthi leli cala lilalelwe ngokushesha.
I-IEC ithe i-MK yenza izinsolo ezibucayi mayelana nokusingathwa kokhetho lwangoMeyi, yathi kubalulekile ukuthi lolu daba lulalelwe ukuze kuzozwakala iqiniso.
Ngeledlule i-MK iveze ukuthi iyalihoxisa icala, yathi izobuye ilifake kabusha.
Kepha i-IEC ithe i-MK ayizange ilandele imigudu elandelwayo uma uhoxisa icala.
Encwadini yabameli, i-IEC ithe i-MK bekufanele ithole imvume yokuhoxisa icala enkantolo ehlalele udaba.
Ithe lokhu kungenxa yokuthi icala selihambe izigaba ezahlukene njengoba kukhona imiyalelo esike yakhishwa inkantolo.
I-MK yenza izinsolo zokuthi kwakhwabaniswa amavoti ngesikhathi kunokhetho, yathi kunamavoti angu-9 million angazange abalwe.
Ummeli we-IEC, uMnuz Moeti Kanyane, uthe bafuna ukuthi icala lilalelwe.
“Kusemqoka ukuthi leli cala lilalelwe izwe libuka, inkantolo bese ithatha isinqumo. Okungenani kufanele sazi ukuthi lezi zinsolo ezibucayi kangaka zinaso yini isisekelo.”
UKanyane uthe bafuna nokuthi inkantolo isho ukuthi ubani okufanele akhokhele izindleko zabameli uma kuhoxiswa icala.
“I-MK ayizange izibophezele ukuthi izozikhokhela izindleko zabameli. Lapha kumoshwe imali yomphakathi kulungiselwa icala, kanti bazolihoxisa. Kufanele inkantolo ibayalele ukuthi abakhokhe.”
Ngesikhathi i-MK ihoxisa icala, yathi izobuye ilifake kabusha.
Okhulumela -iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bahoxise icala ngenxa yokuthi sebethole ubufakazi obusha.
Wathi bahoxise icala ukuze bezofaka ubufakazi obusha esicelweni abazosifaka kabusha.
I-MK yafaka icala ngenyanga eyedlule, emva kokuthi ihlulekile ukuvimba ukumenyezelwa kwemiphumela yokhetho.
I-IEC neDA bayasiphikisa isicelo se-MK, bakhala ngokuthi asinabufakazi.
Yize i-MK yahlula wonke amaqembu abengenele ukhetho okokuqala, yaphinde yahlula namaqembu amadala afana ne-IFP ne-EFF, ubuholi be-MK abunelisekile ngale miphumela njengoba bekholelwa ekutheni balunqoba ukhetho.
Le nhlangano ilale isithathu kuzwelonke, yahamba phambili ngamavoti KwaZulu-Natal.