IKUHLABE yakuhlikiza i-EFF ukuqokwa kwebhodi elisha e-Eskom, ithi ayiboni ukuthi lizoyiqeda inkinga yokucishwa kukagesi okuhlasele izwe.
I-EFF ithi akukho okutheni okuzokwenziwa yibhodi ngoba izinkinga zijule kakhulu. Iqembu lisho kanje, ngemva kokuthi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ememezele ibhodi elisha. UGordhan umemezele ibhodi elisha emuva kokuba exoxisene nekhabhinethi ngemizamo yokungenelela e-Eskom.
USihlalo webhodi nguMnuz Mpho Makwana, kukhona uDkt Busisiwe Vilakazi, Mteto Nyati, Lwazi Goqwana, Dkt Tshakani Mthombeni, Leslie Mkhabela, Fathima Gany, Ayanda Mofaleka, Claudelle von Eck, Tryphosa Romano, Bheki Ntshalintshali noClive le Roux.
Ngokwesitatimende esikhishwe yi-EFF, inkinga isekutheni izwe alinawo umgomo ocacile wezamandla kagesi. Ithe izikhulu eziphezulu zase-Eskom aziwazi umsebenzi wazo yingakho izwe lisenkingeni. I-EFF ithi kungasiza ukuthi kuqedelwe ukwakhiwa kweziteshi zikagesi iMedupi neKusile ukuze amandla kagesi asimame. Bathinte nodaba lwamalahle bathi kufanele ibhekwe intengo yawo.
I-EFF iphakamise ukuthi kubhekwe abantu abamnyama abanamakhono afanele bafakwe ezikhundleni zezikhulu eziphezulu. Ukuqokwa kwebhodi lase-Eskom kushiye imibuzo ngekusasa lesikhulu, uMnuz Andre de Ruyter.