I-DA eThekwini isiveze ukuthi ukungabikho kwemali kadizili wamaloli athwala amanzi yikho okwenza ukuthi angafinyeleli kuzo zonke izindawo ezisuke ziphelelwe yiwo.
Ngokusho kukaMnuz Chris van den Berg oyikhansela le-DA ku-ward 63 eThekwini, ngesikhathi engekho amanzi eMalvern, Northdene, Burlington, Chatsworth, KwaSanti, Klaarwater nezinye izindawo, uye wabuza ukuthi kungani kungathunyelwa amaloli, wabe esetshelwa ukuthi apakile ngoba awuthengiwe udizili.
Amanzi aphele ngoLwesine ntambama ezindaweni ezihlukene emuva kwezinkinga zikagesi nokufa kwe-motor esiza amaphampu amanzi.
“Amaloli athwala amanzi ebengenawo udizili yingakho abantu beye balinda isikhathi eside ukuze bathole amanzi. Ngithole ukuthi le nkinga isilungisiwe kwase kuthunyelwa amaloli ngoMgqibelo emini. Kuyishwa ukuthi izinkinga zamanzi ziyaqhubeka eThekwini yize umasipala wawuthembise ukuthi iyalungiswa ingqalasizinda,” kusho uVan den Berg.
Uthe bazoqhubeka beyi-DA nokuluphakamisa udaba lokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi ngoba yindala kakhulu.
Uveze ukuthi umasipala wawuthe uzofaka imali eyengeziwe uma abantu bekhokhela amanzi ukuze izoqoqwa bese kulungiswa ingqalasizinda kodwa abazi ukuthi ishonephi leyo mali.
“Umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi amanzi ayaphuma kompompi baseThekwini unzima ngoba amapayipi aqhuma njalo. Lolu daba saluphakamisa kudala futhi besazi ukuthi ayalungiswa kodwa kubukeka sengathi kufanele sisiqaphe ngeso lokhozi isimo sokulungiswa kwawo ngoba aqhuma njalo,” kusho uVan den Berg.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku, uthe akusilo iqiniso ukuthi ubungekho udizili noma umasipala uphelelwe yimali yokuthenga udizili.
“Okwenzekile wukuthi kuye kwabambezela ukudilivwa kukadizili emuva kokwehla kwawo ngoLwesithathu. Lokhu kudalwa wukuthi izinkampani zikadizili aziwuthenganga ngesikhathi ngoba zifuna ukuwuthenga uma sewehlile. Yikona okubambezele ukuthunyelwa kukadizili ezindaweni zethu. Amaloli athwala amanzi abe eselinda kolayini abade ngaphambi kokuthi agcwalise udizili, yikona lokhu okuye kwawabambezela,” kuchaza uNkk Sisilana.
Uthe amadepho kamasipala aqale ukuthola udizili ngoLwesihlanu ntambama kwayima kugcwaliswa amaloli athwala amanzi.
Ukugcizelele ukuthi umasipala awunayo inkinga kadizili kodwa ukufuneka kwawo nxazonke ngenxa yokwehla kwentengo yawo yikona okubambezele amaloli amanzi.