UPHIKO lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL eThekwini, linxuse umasipala ukuba upheze ukumosha imali, lukhala ngokuhlaliswa kwemihlangano yamakhansela e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) okuthiwa kudla imali eyevile ku-R1 million ngenyanga.
Lokhu bekusohlwini lwezikhalo ezidluliselwe eHhovisi leMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, emva kwemashi ebisuka e-Durban Christian Centre yaphelela e-City Hall.
Kule mashi bekukhalwa ngokugqoza kokuqashwa kwentsha kulo masipala.
Efunda uhlu lwezikhalo, uNksz Zama Mncube ongumgqugquzeli we-ANCYL eThekwini, uthe iningi imali ekhokhwa wumasipala ukubamba imihlangano yamakhansela-ICC, okumele ngabe kusetshenziswa i-City Hall.
“I-City Hall sekuyophela iminyaka ewu-10 kunengxenye elungiswayo, okungapheli ukulungiswa kwayo okwenza kubhukhwe i-ICC ukubamba imihlangano. Akuzwakali ukuthi ukulungiswa kwale ndawo sekungathatha isikhathi eside kanje, asazi noma kukhona yini ozuzayo kulokhu, kodwa uma kunjalo sizothola,” usho kanje.
Uthe imali ekhokhwa e-ICC, ibingalekelela ekuqasheni inqwaba yentsha ukunciphisa ingwadla yokungasebenzi kwayo egqame kakhulu kulo masipala.
Lolu phiko luthi yinqwaba yezikhala zemisebenzi, umasipala ongaqashi muntu kuzo okumele ngabe kusebenza abantu abasha, naveze ukuthi zevile ku-4 000 emikhakheni eyehlukene.
Intsha ithi ifuna isabelomalo esinikwa yihhovisi layo esibhekelele izinhlelo, sibe ngu-R1 billion, njengoba ithi u-R9 million owabelwa ihhovisi labantu abasha awenele kwazise ziningi izinhlelo okumele zenziwe.
Bafuna umasipala ubuyisele emsebenzini abantu abasha abebesebenza ohlelweni oluxhaswa wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi olubizwa nge-Expanded Public Works Programme. Le ntsha yaphelelwa wumsebenzi ngoJulayi emva kokuthi umasipala umemezele ukuthi awunayo imali eyanele oyithola emnyangweni ukuxhasa lolu hlelo.
Okunye abakhale ngakho, inkinga yamanzi ekhungethe lo masipala abafuna ilungiswe ngokushesha kuphinde kuqashwe abantu abasha ekutheni benze umsebenzi wokuhlola amamitha emizini yabantu, njengoba kunezikhalo ezithi umasipala ubiza imali ayithandayo ngokusetshenziswa kwamanzi, abekho abasebenzi abanele abahlola ukusetshenziswa kwayo. Bafuna umasipala ukuthi ulungise udaba lwamabhilidi abathi agweve nabofika.
Le mashi beyihanjelwe uMengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malatji. Ekhuluma nabebehambele imashi, uMalatji unxuse intsha yale nhlangano ukuthi iqinisekise ukubuyela emagatsheni ayo iwavuselele njengoba imiphumela yokhetho langoMeyi lukhombisile ukuthi yehlelwe ukuthenjwa ngabantu.
“I-ANC ihlale ku-40% kuzwelonke. Esikhathini sokuphila kwethu, ihleli ku-14% KwaZulu-Natal. Kunzima, akusafani nayizolo. Lokhu kusho ukuthi indlela esenza ngayo izinto kumele ishintshe. Kumele sibuyele emuva silungise emagatsheni ethu, siyeke ukulwela ukuthi kukhethwa bani, ubani akakhethwa. I-MK ifikile, yathatha amavolontiya enu, yadla ukudla kwenu kwayiwa okhethweni yawina,” usho kanje.