UKUSHUBA kombango wokuhola i-ward 2 kuMasipala waseMsunduzi phakathi kweANC ne-IFP, kuthathe elinye igxathu ngesikhathi kuvotwa izolo emva kokuthi i-ANC ichaze omele i-IFP kulolu khetho njengomgulukudu obhekene noxhaxha lwamacala.
I-ward 2 kuMasipala waseMsunduzi ikuma-ward obekukhona kuwo ukhetho lokuchibiyela izolo.
Le ward ibiphethwe yi-ANC kepha i-IFP inethemba lokuyihlwitha njengoba ikhombisa ukukhula okhethweni lokuchibiyela.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuvota, bekukukhulu ukuklolodelana emalungwini alezi zinhlangano.
Ngaphambi kokuqala kokuvota i-ANC esifundeni iMoses Mabhida ikhiphe isitatimende, isola omele i-IFP kulolu khetho ngokuba wumgulukudu.
“Sithanda ukuxwayisa umphakathi wase-ward 2 kuMasipala waseMsunduzi, ukuthi ubhasobhe umgulukudu ongenele ukhetho kwi-IFP, unamacala ashaqisayo,” kusho isitatimende esikhishwe ngokhulumela i-ANC kulesi sifunda, uMnuz Njabulo Mtolo.
Ngokwesitatimende sikaMtolo, omele i-IFP kulolu khetho unamacala okushaya, ukudlwengula nelokunqaba ukuboshwa.Kepha abe-IFP basole i-ANC ngokuzama ukubanyundela.
USihlalo we-IFP KwaZuluNatal, uMnuz Thami Ntuli, uthe akukho abakwaziyo ngamacala okuthiwa obamele unawo.
“Vele sikulindele ukuthi i-ANC ingcolise igama le-IFP. Lena yindlela yabo endala yokusebenza.
“Bazama ukusinyundela nje. Ukucekela phansi kwabo isithunzi sabantu ngeke kukushintshe ukuthi i-ANC iyahluleka wukuhambisa izidingo ebantwini.”
UNtuli uthe inhlangano eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa, iyaye ibheke ukuthi abangenele ukhetho kabanawo yini amacala ngaphambi kokuthi bavunyelwe ukuthi bangenele ukhetho.
“Njengoba inhlangano yokhetho imvumele ukuthi angenele ukhetho, kusho ukuthi imbudane lena ekhulunywa yi-ANC.”
Okhulumela inhlangano yokhetho KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uvumile ukuthi wonke umuntu ongenela ukhetho uyaye abhekwe ukuthi akanawo yini amacala abhekene nawo.
Kepha uNgwira uthe akakwazi ukuphawula ngodaba lomele i-IFP ngoba akanalo ulwazi olugcwele.
Olunye ukhetho lokuchibiyela obeluKwaZuluNatal beluse-ward 25 kuMasipala waseMsunduzi, ward 12 kuMasipala waseMshwathi, nase-ward 24 kuMasipala waseRay Nkonyeni.
I-ward 25 kuMasipala waseMsunduzi ibiphethwe yiDA kanti lawa amanye abephethwe yi-ANC.