I-ANC KwaZulu-Natal izokuba nomkhuleko wokuthandazela owayengungqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ongeniswe esibhedlela exinekile.
Izindaba zokungeniswa kukaGordhan esibhedlela zimenyezelwe wumndeni, ngoLwesibili.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bazokuba nomkhuleko namhlanje ntambama eThekwini.
UMndebele uthe bahlose ukuqinisa idolo umndeni kaGordhan.
"UGordhan yindodana yakulesi sifundazwe futhi uyingqwele endala enhlanganweni yethu i-ANC. Wazinikela ngesikhathi silwela inkululeko nangesikhathi singena kuhulumeni wentando yeningi. Sifisa ukuba umndeni wazi ukuthi sinawo kulesi sikhathi esinzima."
Izolo, kuke kwasabalala izindaba zokuthi uGordhan useshonile, nokho umndeni washeshe wakuchitha lokhu.
Okhulumela umndeni, uMnuz Andrian Lackay, uthe uGordhan uthola ukunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu.
"Umndeni ucele ukunikezwa ithuba lokuba ubhekane nalolu daba. Abantu bazokwaziswa ngesimo sikaGordhan uma kuvela isidingo."
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ugxeke labo abasabalalise amampunge okuthi uGordhan akasekho.
UMbalula unxuse abantu ukuthi bangakholwa noma yini abayifunda ezinkundleni zokuxhumana.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo, wathi umndeni uzoqhubeka nokwazisa abantu ngesimo sikaGordhan.
“Umndeni kuphela onelungelo lokumemezela izinto ezithinta isimo sempilo yomuntu. Sonke kufanele sikuhloniphe lokhu.”
UMbalula uthe uGordhan wabamba iqhaza elikhulu ekulweni nenkohlakalo, nathe kwamdalela izitha eziningi.
“Mhlawumbe ingakho kukhona abasabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngaye.”
UMbalula uye kobona uGordhan esibhedlela, khona izolo, wathi uGordhan uthola ukwesekwa umndeni wakhe.
“Sinxusa wonke amalungu e-ANC nabo bonke abantu ukuba babeke uGordhan emithandazweni yabo. Sinalo ithemba lokuthi uzolulama ngokushesha.”
UGordhan usebenze isikhathi eside kuhulumeni wakuleli.
Phakathi kweminyango ake wayiphatha kubalwa owezeziMali nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ngaphambi kwalokho, wayengukhomishana weSA Revenue Service (Sars), wamemezela ukuthatha kwakhe umhlalaphansi kwezepolitiki ngaphambi kokhetho lwangoMeyi nonyaka.
Baningi asebefisele uGordhan ukululama ngokushesha kusukela kuvele izindaba zokungeniswa kwakhe esibhedlela.
NgoLwesithathu, bekunomkhuleko wasebusuku obuseGoli.
Umkhuleko ubuhlelwe yizinhlangano i-Ahmed Kathrada Foundation neDefend Our Democracy.