INHLANGANO ebusayo i-ANC, ithi ukuphasa komthetho we-National Health Insurance (NHI), okuqondwe ngawo ukuthuthukisa ezempilo, kufana nokuphuma kwelanga kubantu bakuleli.
IPhalamende liphasise i-NHI ngoLwesibili kanti isazodlulela kwi National Council of Provinces (NCOP) iyobhekisiswa khona.
I-ANC income kakhulu amalungu ayo avote ngobuningi bawo ephasisa i-NHI osekunesikhathi kukhulunywa ngayo. Okhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe igcagcele esokeni.
“Ukuphasa kwe-NHI kuhambisana nezinqumo zengqungquthela ye-ANC eyathi ezempilo kufanele zibekwe eqhulwini kuleli. Ukuphasa kwayo kusho ukuthi inqwaba yabantu bakuleli bazothola usizo lwezempilo olusezingeni elifanayo,’’ kusho uNkk Bhengu-Motsiri.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla, uthe ubona ukuthi avulekile amasango, akusekho ukujikela emva kwendlu njengoba sekuphase i-NHI.
Amanye amaqembu epolitiki njenge-DA ayasihlaba lesi sinqumo, amanye abuza ukuthi izophumaphi le mali. #isolezwengempelasonto