I-ANC ikhala ngokuhudulelwa phansi kwamagama amalungu ayo asolwa ngokuzama ukugwazisa uMvikeli woMphakathi osamisiwe, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bayaweseka amalungu abo amathathu abhekene nalezi zinsolo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela umhlangano wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
Amalungu e-ANC athinteka kulezi zinsolo nguNkk Tina Joemat-Petterson ongasekho, uSotswebhu omkhulu ePhalamende, uNkk Pemmy Majodina, nosihlalo wekomiti lasePhalamende eliphenya u-Advocate Mkhwebane, uMnuz Qubudile Dyantyi.
Ngokusho kuka-Advocate Mkhwebane, uNkk Joemat-Pettersson wafuna ukugwazelwa ngoR600 000 ukuze uphenyo lwasePhalamende luzomkhipha phambili u-Advocate Mkhwebane.
U-Advocate Mkhwebane wathi uNkk Joemat-Pettersson wayethe le mali bazoyihlukaniselana noNkk Majodina noDyantyi.
UMbalula uthe bakhathazekile ukuthi lezi zinsolo zithunaza amagama abaholi benhlangano.
“Kuyishwa ukuthi uNkk Joemat-Pettersson akasekho ukuba aziphendulele kulezi zinsolo ezenziwayo ngaye. Kuyasikhathaza ukuthi amagama kaNkk Mojodima noDyantyi ahuduleka phansi ngenxa yenzwabethi. Zonke izinsolo ababhekene nazo ziyinzwabethi.
“Yonke into eshiwo ngabo iyinzwabethi yingakho emhlanganweni sithathe isinqumo sokuthi sibeseke abaholi bethu. Siyabethemba ubuholi babo futhi sizobeseka emisebenzini yabo. Siyakwamukela ukuthi bathi bazosebenzisana nazo zonke izinhlaka ezibaphenyayo okubalwa amaphoyisa kanye nekomiti lezobuqotho ePhalamende.”
UMbalula uthe uNkk Majodina noDyantyi babhalela inhlangano bezichitha izinsolo ababekwa zona.
UMbalula uphinde waveza ukuthi umnyango awukavalwa kuloyo owayengunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, osanda kuxoshwa kule nhlangano.
UMagashule uxoshwe emva kokuba enqabile ukuxolisela ukuzama ukumisa uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMbalula uthe uma kuwukuthi uMagashule usafuna ukubuya kwi-ANC, usengazikhalela.
“Uma kuwukuthi ubona sengathi ikomiti eliqondisa ubugwegwe alizange luluphathe kahle udaba lwakhe, usengaya kozikhalela esigungwini esiphezulu. Konke kulele kuye. Akusijabulisi ukuxoshwa kwelungu lenhlangano ngoba siyazi ukuthi kunzima kanjani ukunxenxa abantu ukuthi bajoyine inhlangano.”
UMbalula uthe kunamahlebezi okuthi uMagashule unxenxa amalungu e-ANC ukuthi ajoyine inhlangano azoyisungula kepha wathi abafuni ukukhuluma kakhulu ngoMagashule.
UMbalula uthe azothathelwa izinyathelo amalungu e-ANC ashisa izikibha zenhlangano ebhikishela ukuxoshwa kukaMagashule.