I-ANC eThekwini ithi isisithathile isinqumo sokuphuca iPhini leMeya kuMasipala yaseThekwini isihlalo, enesivumelwano sokusebenzisana neqembu lakhe.
Isho kanje emuva kokuthi iPhini leMeya uMnuz Philani Mavundla lifake amaphepha aphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo livimba i-ANC nomkhandlu ukuthi imlaxaze.
Inkantolo ivune uMavundla, okuyisinqumo ummeli wakhe, uMnuz Thando Mbili athe sivikela amalungelo akhe.
UMbili uthe uMavundla unesivumelwano sokusebenzisana ne-ANC esiphela ngo-2026, futhi yiyona eyambeka esikhundleni, nesenza le nhlangano yakwazi ukuphatha eThekwini.
Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe bona bathathe isihlalo sabo selungu lesigungu esilawula umkhandlu ababesinike uMavundla.Uthe lokhu bakwenze emuva kokuthi amaqembu amancane ababusa nawo umasipala esole i-ANC ngokuwavalela ngaphandle inake uMavundla.
“Isihlalo ngese-ANC futhi ithathe isinqumo sokuthi isinikeze omunye umuntu. Iqembu likaMavundla linamakhansela amabili kuphela kumasipala, alinazo izinombolo ezingenza libe nesihlalo esigungwini somkhandlu,” kusho uMkhize.
UMbili uthe baye enkantolo emuva kwezinsolo zokuthi kukhona asebefuna ukuhoxa esivumelwaneni.
“Sibonga inkantolo evumelane nathi ukuthi lokhu abebekade befuna ukukwenza kusasa (namuhla), ngeke kwenzeke, kuyomele kwenziwe ngendlela esemthethweni,” kusho uMbili.
UMavundla ungumengameli weqembu lezepolitiki i-Abantu Batho Congress (ABC).
I-ABC ingelinye lamaqembu amancane i-ANC ebambisene nawo ukubusa ngokubambisana uMasipala waseThekwini.
UMavundla wathi ngeke ashenxe kulesi sikhundla sephini lemeya kuze kube uyalelwa yinkantolo ukuthi enze njalo.
Namuhla bekulindeleke ukuthi kuhlale umhlangano wamakhansela kaMasipala waseThekwini bese kwenziwa izinhlelo zokususa uMavundla esikhundleni akusona.
Lo mhlangano uhlala nje, kungenxa yokuthi wabhuntsha ngesonto eledlule emva kokuthi iDA yawudikila kanti ne-EFF yayibhikisha ifuna kususwe esikhundleni iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda.