I-ANC iyaziphika izinsolo zokuthi ibisebenzisa izinsiza zikamasipala ukukhankasela ukhetho lokuchibiyela oluzokuba kuMasipala waseMsunduzi.
Ikusho lokhu emva kokuthi iDA iyisole ngokukhankasela ukhetho oluzayo ngezijumbana zokudla ebezithwelwe yimoto kaMasipala waseMsunduzi.
Kuzokuba nokhetho lokuchibiyela kumaward amathathu angaphansi kukaMasipala waseMsunduzi.
Kuzoqala ukhetho lokuchibiyela oluzokuba ku-ward 28 ngesonto elizayo, bese kulandela oluzokuba ku-ward 2 noluzokuba ku-ward 25.
Amabili ala ma-ward abephethwe yiDA kanti eyodwa ibiphethwe yi-ANC. Imiphumela yalezi zinketho ingashintsha ukuphathwa kwalo masipala oyinhloko dolobha yesifundazwe. I-ANCihlezi ngesinqa esisodwa kulo mkhandlu njengoba ingazange ithole izihlalo ezanele ukuthi iphathe ngokuzimela.
Njengamanje, umbango ugxile ku-ward 28 obukade uphethwe yi-DA.
Isikhala savuleka emva kokuxoshwa kwekhansela laleli qembu, uMnuz Lucky Naicker, owaxoshwa emva kwezinsolo zokunukubeza ngocansi.
I-DA isola i-ANC ngokukhankasa ngezijumbana zokudla kule ward. Ikhansela leDA, uMnuz Ross Strachan, lithe imoto yakamasipala ibonakale inikeza abantu izijumbana zokudla eduze kwalapho i-ANC ebiqhuba khona umkhankaso wayo.
Kepha unobhala we-ANC kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Samora Ndlovu, uziphikile lezi zinsolo. UNdlovu uthe iDA izithuselwa umkhankaso we-ANC, athe uza kahle kakhulu.
“Akusithusi ukubona iDA isithela ngodaka, iqamba amanga. Iqiniso ukuthi iDA ihluleke yancama ukuphathale ward kule minyaka engu-15 eyedlule. Thina njenge-ANC sizimisele ukuqhuba umkhankaso wethu ngenhlonipho futhi siyazethemba ukuthi sizonqoba.”
Yize kunjalo uStrachan uthe bafuna siphenywe lesi senzo se-ANC. Uthe bazobhalela umkhandlu befune incazelo egcwele ngaso.
I-ANC neDA basazophinde batholane phezulu okhethweni lokuchibiyela oluzokuba ku-ward 2 no-25 kulo masipala.
Uward 2 ubukade uphethwe yi-ANC, isikhala savuleka emva kokushona kukaMnuz Phumlani Gabuza. Uward 25wona ubukade uphethwe yiDA, isikhala sivuleke emva kokwesula kukaMnuz Mike Bond, oseyilungu lePhalamende.
Okhulumela umasipala waseMsunduzi, uNkk Ntobeko Mkhize, ucele ukunikezwa ithuba lokuba aqoqe imininingwane egcwele ngalolu daba, bese ebuyisa impendulo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.