I-ANC imise iMeya kaMasipala waKwaDukuza, uNksz Lindile Nhaca, esolwa ngokugoloza ukwehla esikhundleni.
I-ANC KwaZulu-Natal ithe inqume ukumisa uNksz Nhaca emva kokuthi engawulandelanga umyalelo wokuba ehle esikhundleni.
UNksz Nhaca wayalelwa ukuba ehle esikhundleni ngenyanga eyedlule, isinqumo sokuthi akhishwe esikhundleni sathathwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal.
UNksz Nhaca akazange asule esikhundleni, kepha wavele wabhalela uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, emcela ukuthi angenelele odabeni lokuxoshwa kwakhe.
Encwadini yakhe eyabonwa yiSolezwe, uNksz Nhaca wakhala ngoNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, emsola ngokumbophela amanqina enyathi.
UNksz Nhaca ubesaqhubeka nokubonakala enza umsebenzi wakhe njengoba ngeledlule ubekhona eMkhosini weLembe.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe uNksz Nhaca umisiwe njengelungu le-ANC.
“Akavumelekile ukuhambela imihlangano yamakhansela e-ANC emkhandlwini nemihlangano yomkhandlu. Akavumelekile nokubiza imihlangano yomphakathi.”
UMndebele uthe uNksz Nhaca uzobhekana nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
“Sithanda ukukhumbuza bonke abaholi abajutshwe ezikhundleni ukuthi basemseni we-ANC. Bonke abaholi abajoyina i-ANC kufanele bahloniphe imigomo yeqembu.
“Abaholi kufanele babeke phambili izidingo zenhlangano, bakhohlwe izidingo zabo. Zonke izinto ezishiwo nezenziwa abaholi be-ANC kufanele zihambisane nemigomo ye-ANC.”
Udaba lokwehliswa kukaNksz Nhaca selususe umsindo ezinhlakeni ze-ANC.
Uphiko lwabesifazane nolwentsha kwi-ANC esifundeni iLembe luyaphikisana nokuxoshwa kwakhe.
Nokho uMafika uthe akuqali ngoNksz Nhaca ukuba athathelwe izinyathelo.
“Ngaphambilini, i-ANC ike yathathela izinyathelo abaholi abaphambana nomthetho futhi ayikho into ezosivimba ukuthi siqhubeke nokwenza lokhu.
“Sesimbhidlangweni wokuzihlela kabusha, ngakho ke sizoqhubeka nokubhekana nalabo abaphula imigomo. Indlela uNksz Nhaca aziphethe ngayo ayamukelekile futhi ilimaza i-ANC.”
UNksz Nhaca bese kunesikhathi eside elengelwa yizembe.
NgoJulayi kwaputshuka inkulumo kaMtolo, lapho ayethi khona kufanele uNksz Nhaca asuswe esikhundleni bese kufakwa elinye ikhansela le-ANC, uMnuz Njabulo Cele.
Le nkulumo eqoshiwe uMtolo wayenza ngesikhathi ekhuluma namakhansela e-ANC kulo mkhandlu.
UMasipala waKwaDukuza ungeminye yemikhandlu enesabelomali esikhulu lapha KwaZulu-Natal njengoba ngonyaka wezimali owedlule ubunesabelomali esingu-R2.7 billion.