USABISA ngokumisa ukusebenza ezimayini uMengameli we-Association of Mineworkers Union (Amcu), uMnuz Joseph Mathunjwa, uma zingaxazululwa izinkinga zabasebenzi abafuna amasheya eKroondal, eNorth West.
UMathunjwa uthe udaba lwamasheya lwaqala ukuxoxwa ngo-2020 iSibanye-Stillwater ilokhu ibathembisa ukuthi izobuyela kubona kodwa alukalungi namanje.
“Sizobhalela i-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ukuyazisa ukuthi asisitholi isisombululo odabeni lwamasheya olwalungaphothuliwe emuva kwezivumelwano zamaholo ezidlule. Sizolulwa lolu daba futhi sicela uNeal Froneman alulungise ngoba uma engakwenzi lokho uzoyikhotha imbenge yomile. Kwezinye izimayini zakhe uFroneman, siyathembisa ukuthi uma engalulungisi udaba zonke ngeke zisebenze,” kusho uMathunjwa.
Usole uFroneman, oyisikhulu esiphezulu eSibanye-Stillwater, ngokungawahloniphi amalungelo abasebenzi.
Izolo kube nomhlangano obuhlanganisa amalungu eNational Union of Mineworkers (Num) nawe-Amcu ezinkundleni zemidlalo iWaterval, eKroondal, eNorth West.
Kulo mhlangano uMengameli weNum, uMnuz Daniel Daniel Balepile, uthe namhlanje bazohlangana nomqashi ukuze kuguqulwe isinqumo sokubaxosha.
Uthe udaba lwamasheya luzolungiswa ngoba bazobambisana ne-Amcu ukuze abasebenzi bathole okungokwabo.
Ngeledlule abasebenzi abangaphezu kuka-200 bachitha amahora awu-48 emgodini waseKroondal, bekhala ngokuthi abayitholanga imali yamasheya etholwe abanye ozakwabo kwezinye izimayini zakwaSibanye.
Nokho bagcina bephumile emgodini emuva kokuncengwa yizinyunyana zabo.
NgoLwesihlanu, uMnuz James Wellsted obhekelele ezokuxhumana eSibanye-Stillwater, uthe bazikhiphile izincwadi eziwu-213 ezazisa abasebenzi ngokuxoshwa kwabo, ezinye bezibaxwayisa ngokuthi bangaphinde bazithole esimweni esinjengalesi.
Uthe udaba lwamasheya aseKroondal lwaxoxwa kabanzi nezinyunyana ngonyaka odlule kwashiwo ukuthi umqashi usazobona ukuthi bazofakwa kanjani ohlelweni lwamasheya oluqhubeka eRustenburg.
Uveze ukuthi bebezobona uma kuphela lo nyaka ukuthi benzenjani ngalolu daba futhi izinyunyana ziyakwazi konke lokhu.
“Kubukeka sengathi kwaba khona ukungaqondi kahle kubasebenzi njengoba kukhona akade belindele okuthile. Izikhalo zabo bekufanele baziphakamise ngendlela efanele ngaphakathi emayini noma bazise izinyunyana zabo. Asihambisani nokuthi bazivalele emgodini ngoba lokhu kubeka engcupheni impilo yabasebenzi. Kufaka engozini umsebenzi wonkana okubeka engcupheni nezinye izinhlaka,” kuchaza uWellsted.