SELUNGENWE yi-AfriForum elomdonsiswano oya enkantolo ngokushicilelwa kwemiphumela ka-matric emaphephandabeni.
Le nhlangano izoya enkantolo ngoJanuwari 7, 2025, lapho kulindeleke ukuthi kulalelwe isicelo esifakwe yi-Information Regulator, efuna ukuvimba uMnyango weMfundo eyisiSekelo, ukuthi ushicilele imiphumela emaphepheni njengoba ifuna kutholakale imvume kubona bonke abalinde imiphumela yabo.
UNksz Alana Bailey we-AfriForum, uthe baya enkantolo ngoba befuna ukuba yingxenye yaleli cala ngoba bafuna umnyango uqhubeke nokulandela umyalelo wenkantolo wango-2022, lapho yaphoqa khona lo mnyango ukuthi uqhubeke nokushicilela le miphumela emaphepheni.
Kuzokhumbuleka ukuthi umnyango wawunqume ukuthi ngeke usayishicilela imiphumela emaphepheni kodwa le nhlangano yaya enkatolo ifuna umnyango uqhubeke nokuyishicilela ngoba baningi abafundi abasuke bengekho eduzane nezikole zabo ngosuku lokukhishwa kwemiphumela.
“Isinqumo senkantolo sathi kumele kukhishwe izinombolo zabafundi kuphela, hhayi amagama nezibongo zabo. Ngale ndlela beyivikelwa imininingwane yabafundi. Yinto osekuneminyaka yenzeka ukuthi kukhishwa izinombolo kuphela,” kusho uNksz Bailey.
I-Information Regulator iyakuchitha ukuthi imininingwane yabafundi iyavikeleka ngokungashicileli amagama abo ngoba abanye ozakwabo basuke bezazi izinombolo zabo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uke wakuveza ukuthi bazolinda kuze kuphume esinye isinqumo senkantolo mayelana nokushicilelwa kweka-matric emaphepheni.
UMhlanga ubalule ukuthi baphoqwa yinkantolo ukuthi bashicilele izinombolo zabafundi kuphela.
“Sizolandela umyalelo wenkantolo ozophuma ngoba okwamanje sihlabele phambili nokushicilela imiphumela ka-matric emaphepheni. Kodwa uma kuphuma esinye isinqumo esichitha lesi esikhona, siyokwenza lokhu okushiwo ngumthetho,” kusho uMhlanga.
Uthe imiphumela yabafundi itholalaka ezikoleni noma ezikhungweni abebebhalela kuzona.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, kulindeleke ukuthi amemezele imiphumela kazwelonke neyezifundazwe ngoJanuwari 13, bese idedelwa ngakusasa ngabaPhathiswa ezifundazweni ngoJanuwari 14.