UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kazwelonke, uMnuz Bheki Cele, uthi abakwasidlodlo bawuqaphe ngeso lokhozi umcimbi woMkhosi woMhlanga, oqale izolo esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma.
Kuke kwaba nokudideka kubantu emuva kokuthi kuvele imibiko ebithi umcimbi ohlale wenziwa eNyokeni, mawuye kwenye indawo.
Kunencwadi ebibhalwe nguMntwana uSmakade, ebilibeka ngembaba elokuthi asamulekile iSilo uMisizulu kaZwelethini eNyokeni, ebibhekiswe kuNdunankulu Nomusa Dube-Ncube waKwaZulu-Natal.
Encwadini kuvele nokuthi kungase kutholwane phezulu, kuchitheke igazi.
Ephawula kwi-eNca, uCele uthe isimo esike sashiya abantu benokudideka siholele ekutheni kujutshwe amaphoyisa ngobuningi bawo, ukuze aqikelele ezokuphepha kubo bonke abantu abaseMkhosini woMhlanga.
"Kuke kwaba nobuhixihixi kodwa izinto sezibuyele esimweni. Ngingaqinisekisa kubo bonke abamenywe kulo mcimbi ukuthi konke kuhamba kahle kwezokuphepha. Sisiqaphile isimo futhi nginesiqiniseko sokuthi konke kuzohamba kahle namuhla," kusho ungqongqoshe.
IMeya yoMkhandlu waKwaNongona, uMnuz Albert Mncwango, ithe umasipala wabo ubusuvele uqalile ngamalungiselelo omcimbi.
"Kudala siwubheke ngamehlo abomvu umcimbi. Siqale izolo ukwamukela izintombi futhi konke kusahamba kahle," kusho uMncwango.
Ezinkundleni zokuxhumana kuke kwasabalala i-video lapho kubonakale kungqubuzana phakathi kwabalandeli boMntwana uSimakade nabeSilo uMisuzulu esigodlweni saseNyokeni, ngesikhathi kunengxoxo ebiyenziwa yizintatheli ezizothathela emkhosini izolo ntambama.