IZINTO zokuzinakekela kwabantu besifazane zisashaywa indiva yize sekuphele iminyaka eminingi iNingizimu Afrika yakhululeka.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wabesiFazane, iziNgane, nabaKhubazekile ehhovisi likaMengameli, uNkk Maite Nkoane-Mashabane, ngesikhathi evula ngokusemthethweni inyanga yabesifazane, eThekwini.
Uthe umkhakha okhiqiza amaqakelo abesifazane uzuza imali enkulu ngokudayisa amaqakelo, kodwa awekho amaqakelo atholakala mahhala yize ukuya ezinsukwini kuyinto abesifazane abangazikhethelanga yona abadalwe nayo.
"Uma sibuza ukuthi kungani amakhondomu etholakala mahhala, abakhiqizi bathi kungcono abesifazane bazuze ngokuthi ingafakwa intela kuwo. Yize ukhona umehluko kodwa kumele sizame ukuthi abe khona amaqakelo amahhala ngoba lena yindalo, kungani kwenziwe imali eningi ngokuthi abesifazane bathenge. Amantombazane asemancane kuyenzeka aze agcine elova esikoleni ngoba eswele amaqakelo," kusho yena.
Uthe zikhona izinto uhulumeni wakuleli azizamayo ukuze kuzuze abesifazane, njengokuthi kunomthetho othi u40% wezimpahla ezithengwayo eminyangweni kahulumeni kumele zithengwe ezinkampanini zabesifazane.
UNkk Alletta Muller wophiko lwabesifazane enhlanganweni yezizwe, i-UN Women, uthe abesifazane kumele bagxile kakhulu emabhizinisini athinta ukuguquka kwesimo sezulu.
"Ukuguquka kwesimo sezulu kancane kancane kuyakhula, akekho ongakuphika lokho. Ngicabanga ukuthi kulesi sifundazwe kusanda kuba nezikhukhula wonke umuntu uzibonele ukuthi nakuba bekungeyona into evamile kodwa kancane kancane iyenzeka. Ngithi abesifazane abangene kulo mkhakha ngoba izinhlekelele ezidalwa isimo sezulu zibakhahlameza kakhulu abesifazane," kusho yena.
UNgqongqoshe wezemiDlalo namaSiko, uNkk Hlengiwe Mavimbela, obemele uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uthe omama abafana noNkk Charlotte Maxeke bakwazi ukuphuma bayochitha utshwala uma bebona ukuthi amadoda aselibala ukuhlala ezindaweni zokuphuza angenzi izinto eziphusile.
" jengemanje sibhekene nenselelo yokuhlukunyezwa kwabesifazane okumele sime ngezinyawo silwe nakho. Okunye okumele sikukhumbule ukuthi inkululeko sayithola ngenxa yabantu bangaphandle ababesibhacisile kodwa thina sasilawulwa imithetho nabo kumele benze okufanayo uma bekuleli," kusho yena.