Ongoti abelapha izifo ezithikameza ukusebenza kwezinso bathi lezi zifo zingagwemeka uma abantu bezinakekela ngendlela.
Ngokwenhlangano egqugquzela ukunakekelwa kwezinso, iNational Kidney Foundation (NKF), bangu-10% abantu abanenkinga yezinso emhlabeni. Bathi izinkinga zezinso zivame ukudalwa wumfutho wegazi ophezulu nesifo sikashukela - okungagwemeka.
Ngokwezibalo zeNKF kukholakala ukuthi izinkinga zezinso zimandla kakhulu kubantu abamnyama ngenxa yomfutho ophezulu wegazi nesifo sikashukela - okuyizifo ezingasheshe zivikelwe noma zithithibaliswe uma zisheshe zatholakala.
Le nhlangano iveze ukuthi cishe u-70% kuya ku-80% wezinkinga zezinso nezenhliziyo ziholela ekufeni kwabantu kungafanele.
UNkk Adeera Levin obengumengameli wenhlangano yongoti bokulashwa kwezifo ezithikameza izinso, i-International Society of Nephrology, uthe izinkinga zezinso zihaqe abantu abangu-850 million emhlabeni nokuyisibalo esiphindwe kabili uma kuqhathaniswa nezibalo zabantu abanesifo sikashukela emhlabeni wonke.
“Lokhu kukhombisa ukuthi lesi sifo sesidlebelekile,” kusho uNkk Levin.
Ucwaningo lwakwamuva lona kukhombisa ukuthi zinyukile izibalo zabantu abangenwa ngumdlavuza wezinso.
Kukholakala ukuthi umdlavuza wezinso udalwa yizinto ezahlukene okubalwa kuzo ukukhula, ukubhema, umfutho ophezulu wegazi, ukukhuluphala ngokweqile nokungadli ngendlela efanele.
Umdlavuza wezinso ungalashwa ngokuhlinzwa. Isibhedlela esibhekele ukwelapha izinkinga zezinso esisePitoli i-Urology Hospital ngezinye zezindawo ezinezinhlelo eziningi ezibucayi ezibhekele ukulapha izifo ezithikameza izinso.
UDkt Craig Mamitele wasesibhedlela i-Urology uthe mkhulu umsebenzi owenziwa yizinso emzimbeni, kuyona okubalwa ukuhlanza igazi, ukususa ukungcola emzimbeni nokuqinisekisa ukuthi kunoketshezi olwenele emzimbeni.
Uthe ezinye zezimpawu ezikhombisa umdlavuza wezinso ukubakhona kwegazi emchameni, ubuhlungu esinyeni, ukungakufuni ukudla, ukuncipha ungazelele, imfiva, ukulahlekelwa yigazi nokukhathala kakhulu.
Uthe kokunye umdlavuza ungangeziveza izimpawu.