KUNEMISAKAZO okwaziwayo ukuthi ngeke uluzwe kuyona uhlobo oluthize lomculo.
Ukwenza isibonelo, uyazi ukuthi uma ulalele iMetro FM ngeke uzwe kudlala umaskandi.
NakwiGagasi FM umculo kamaskandi awudlalwa. Nokho ngiyazibuza ukuthi kungaba nani uma ungase udlale kwiGagasi.
Okungenza ngifikelwe yilo mcabango wukuthi iGagasi lisakazela abantu baKwaZulu-Natal, okuyisizinda sikamaskandi.
IGagasi lisakazela abantu abasha. Abantu abasha bayawuthanda umaskandi. Ubufakazi balokho ukuthandwa kwabaculi abanjengoMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele noKhuzani “Indlamlenze” Mpungose. Uze ubabone bemenywa ngisho emicimbini yasezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngempelasonto eyedlule emcimbini iGumba Fest ebisezinkundleni zemidlalo oLundi, bekunandisa uThokozani “Somnandi” Langa noKhuzani. Wumcimbi wabantu abasha loya futhi kuthe uma laba baculi sebengena esiteji bahlanya wabona nje ukuthi bavukwa wusinga.
Iya ezindaweni zobumnandi, kuthi kusajuxuzwa kamnandi uzwe sekungena ingoma kaShwi noMntekhala ethi Ngafa abantu babange umsindo. Ngike ngizwe noDJ Boonu engayishiyi nekaMfaz’omnyama ethi Ngisebenzile Mama.
Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi umaskandi uyathandwa. Ngaphandle kwawo nomculo wokholo impela ungenile entsheni ehamba ubumnandi.
Izingoma ezifana nethi iBeat yeJoyous Celebration eculwa nguKhaya Mthethwa iyintandokazi. NeyaBathandwa ethi Ehhe Moya Wami nayo ingenisile.
Kungaba nani-ke iGagasi nalo uma lingazithi thasi lezi zinhlobo zomculo kungonakele lutho?
NgoLwesithathu ohlelweni lwezindaba Indaba kujwayele ukuthi kukhulunywe ngezinto zesintu kwiGagasi FM. Lokhu kuyakhombisa ukuthi liyathanda ukufundisa abantu ngesintu njengoba umsakazo udalelwe ukufundisa nokujabulisa abantu. Alifundise phela nangomculo wesintu kungagcini ngokukhulunywa ngaso kuphela.
Ngenyanga edlule uMzokoloko nethimba lakhe lohlelo lwasekuseni phakathi nesonto babehleli nabaculi bakamaskandi uQadasi noMaqhinga. Phambilini uma ngikhumbula kahle bake baba noPhuzekhemisi ngesikhathi begubha i-Africa Day.
Angikaze ngizwe kuthiwa kwaba khona izikhalo ngalokho.
Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu