INKINGA yamanzi ekhungethe omasipala abaseMzinyathi isiphazamise ukufunda kwezinye izikole eziseNquthu.
Abanye abafundi sebeshiya phakathi ukufunda beyokha amanzi ngamabhakede nangezigubhu ukuze omama abaphekayo bakwazi ukubenzela ukudla.
Esikoleni saseNdindindi, iNhlalakahle Secondary, eNquthu, Isolezwe lifike ngesikhathi sokufunda izingane zikaGrade-11 zigcwele izinkalo ziya emfuleni ziyokha amanzi ngoba zithi akukho ngisho awokuphuza.
Omunye wabafundi, uSamkelo Ximba, owenza uGrade 11, uthe sekunzima kakhulu ukufunda ngoba amanzi agcina ukuphuma kompompi ngo-Okthoba nyakenye.
UMshunqisi Kunene, umfundi obephethe ibhakede eliwu-20 litre, uthe sebefisa nokuba abazali babo babayise ezikoleni ezikwezinye izindawo ngoba sebekhathele ubunzima ababhekene nabo. Abafundi bayaphuma bayokha amanzi emfuleni oqhelile ongaphesheya komgwaqo. Lokhu kubabeka engozini uma bewela ngenxa yokuthi umgwaqo uphithizela izimoto.
Umzali, uNkk Puseletso Motsima, uthe usenovalo lokuthi izingane ngeke zibe nemiphumela emihle nonyaka ngoba zihlale zingaphandle zithutha amanzi.
“Ngabe kungcono ukuba uMnyango wezeMfundo noma umasipala ukhipha amaloli athutha amanzi ukuze alethwe esikoleni . Ngikusho lokhu ngoba ngisho eyami ingane ubuya esikoleni ikhathele ngenxa yokuhlale ithutha amanzi okupheka nawokuphuza ngamabhakede. Isivilapha ngisho ukwenza umsebenzi wesikole ekhaya nokungiphatha kabi kakhulu.”
Uthe sekusiza ukuthi isikole sinezindlu ezincane zomgodi.
Induna, uMnuz Simon Mthanti, ithe isize yabiza umhlangano womphakathi izama ukuba kukhulunywe udaba.
“Izingane zigaywa yizimoto ngenxa yokuthi umgwaqo uyaphithizela, akukho ngisho izinciphisa jubane. Uyabona nje ukuthi inkinga yamanzi isekude ukuphela. Kukhona nezingane esezishonile zishayiswa yizimoto kade ziyofuna amanzi,” kusho uMthanti.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe iyabakhathaza inkinga ngoba ikhomba ukuthi usizi izingane ezilufica esikoleni ziphila ngalo emakhaya.
“Siyacela ukuba uMasipala uMzinyathi uyilungise inkinga ngoba konakele kakhulu.”
UMnuz Lethu Mthembu, obambe esemenenja kamasipala, uthe ucela athunyelelwe imibuzo kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.