OKLEBE bagasele emzini kanokusho wowayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede osenyakatho neTheku beyoshaqa impahla ngoLwesine ekuseni.
Ukushaqwa kwempahla emzini kaGumede kulandela amacala abhekene nawo okukhwabanisa uR208 million wethenda lokuqoqa udoti edolobheni laseThekwini.
OKlebe baphinde bagasela nasemizini yabanye ababili nabo abathinteka kuleli thenda lapho igatsha elishaqa impahla yababhekene namacala lophiko lwezokushushisa lushaqe izimoto zikanokusho nenye impahla. Ngesikhathi oklebe befika emzini kaGumede osemgwaqweni u-Illchester ubengekho kwakhe, kanti besekuphele isikhathi bezama ukumthinta ukuze bamnike isexwayiso sokushaqwa kwempahla yakhe. UGumede osanda kuxoshwa esikhundleni sakhe njengemeya yeTheku, ubhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo asenkantolo yamacala ezimali eThekwini.
OKLEBE bagasele emzini kanokusho wowayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede oseNyakatho neTheku bashaqa impahla ngoLwesine ekuseni. Video: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA)
Lawa macala avela ophenyweni olwenziwa oklebe olubizwa ngeNational Clean Audit Task Team (NCATT) kuMasipala waseThekwini noluholele ekuboshweni kwesekela nhloko yakwaDurban Solid Waste (DSW) uMnuz Robert Abbu kanye nemenja uMnuz Sandile Ngcobo.
Abanye abasolwa nguMnuz Hlenga Sibisi (43), uMnuz Mzwandile Dludla (24), uMnuz Sinthamone Ponnan (55), uMnuz Sithulele Mkhize (38), uMnuz Bongani Dlomo (53) kanye noMnuz Prabagarma Pariah (61). Ngokwemibiko oKlebe baqala uphenyo ngoGumede kulandela uphenyo lokwabiwa kwethenda lokuqasha nokuhlanza amathoyilethi.
Umbiko owahlanganiswa yi-Integrity Forensic Solutions kanti wahlongozwa yiCity Integrity and Investigationa Unit, lwathola ukuthi uGumede, uMthembu, kanye nabanye abasebenzi abathathu baqhamuka netulo lokukhwabanisa ithenda eyakhokhisa idolobha laseThekwini uR25 million wokuqasha nokuhlanza amathoyilethi izinyanga ezingu-6. Ngaphambilini kwase kukhokhwe uR3 million ngokuqashwa nokuhlanzwa kwawo lamathoyilethi iminyaka emithathu. UGumede uyazichitha lezi zinsolo.