BAJABULELE ukuphothula izivivinyo zabo ngokubhala iphepha lokugcina izolo abathi belingenzima abafundi bakamatric.
Bagcine ngokubhala iphepha lesiNgisi.
Iningi labafundi okukhulunywe nalo lithe iphepha belibhaleka kodwa futhi yinto abebekade beyilindele.
USabelo Shezi (17) obefunda umatric eMenzi High eMlaza uthe iphepha belibhaleka. Bekulindeleke ukuthi balibhale amahora amabili nemizuzu ewu-30 kodwa ubeseqedile ngemuva kwamahora amabili, eselungele ukuphuma ayoshaywa umoya ngaphandle.
UKhwezi Mbhele (18) naye ofunda eMenzi uthe belibhaleka iphepha labo. Uthe ukholwa ukuthi manje usezokwazi ukuthi ayophumula.
Bathe ngeke bawudabule noma bawubhale umfaniswano wabo - umkhuba ovame ukuthi wenziwe abafundi uma beqeda ukubhala.
“Yinto eyisidala leyo futhi engenasidingo. Mina umfaniswano wami ngizowunika umfowethu omncane. Othisha bakhuluma nathi basho ukuthi labo abangenazo izingane ezincane amakubo bangawuletha esikoleni ukuze unikezwe abanye abawudingayo,” kusho uKhwezi.
ULerato Hlophe uthe abafundi kufanele bathi uma beqeda ukubhala bagcine umfaniswano wabo usesimeni esihle ukuze usize abeza ngemuva kwabo.
Uthe kubalulekile ukuthi bawunikele umfaniswano uma sebengasawudingi ukuze nabanye basizakale ngawo.
Njengabanye abafundi abebephothula izivivinyo zabo izolo uthe iphepha abalibhalile libhalekile.
Uthe akujahile wukuthi aphumule ngoba bebefunda kanzima kusuka beqalile ukulungiselela izivivinyo zabo.
“Akukhona ukuthi besingalali kodwa besifunda kanzima. Ngicabanga ukuthi ngizoziyela ebhishi ngiyozipholela njengoba sesiqedile,” kusho uLerato.
Khonamanjalo njengoba abafundi sebezohlala emakhaya abanye benze amaphathi okujabulela ukuqeda ukubhala amaphoyisa asebaxwayisile ukuthi bahlale beqwashile ngaso sonke isikhathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa anezinhlelo ezikhona zokuqinisekisa ukuphepha kusona sonke isikhathi sokuvalwa kwezikole nakusona sonke isikhathi samaholidi.
Uthe izinhlelo zihlezi zikhona uma kuvalwa izikole, ikakhulu uma kuvalelwa uDisemba ukuqinisekisa ukuthi azibikhona izigameko zobugebengu.