YIZE ingangenwa ekakhaphethi obomvu okupepenyeka kuwo amalungu nezimenywa uma kunemicimbi ePhalamende, kodwa bakhona abebekhiphe unyawo ngengqephu kwethulwa isabelomali eKapa. Kungenzeka ukuthi iningi livele lisuke emakhaya lingenanhliziyo njengoba ibijamelene ngokunyuswa kwentela ekhokhwa uma kuthengwa izimpahla i-VAT. Nokho-ke ugcine eyethulile inkulumo yakhe uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Ecoch Godongwana