UNGQONGQOSHE woMnyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukwanda kwezigameko zokufa kwezisebenzi emkhakheni wezokwakha kuphoqa ukuthi babuyekeze imigomo yezokuphepha ezindaweni zokwakha.
UZikalala ukusho lokhu esitatimendeni esikhishwe umnyango wakhe izolo, emuva kwesigameko sokushona kwabane kulimale oyedwa, abawelwe udonga abebelakha eBallito, ngoMgqibelo.
“Asilona izwe elingenamthetho. INingizimu Afrika inayo imigomo ebekiwe uma kuziwa embonini yezokwakha. Ukwanda kwezigameko zalolu hlobo ngesikhashana nje, kudala ukuthi sikhathazeke,” kusho uZikalala.
Uthe okubi ukuthi basazikhotha amanxeba ngesehlakalo saseGeorge, eWestern Cape, kulandela ukudilika kwesakhiwo phezu kwabasebenzi, kwafa abangu-33.
Uqhube wathi bathe besababaza lokho, kwenzeka esinye isigameko eNgcobo, e-Eastern Cape, lapho okufe khona abayisithupha.
“Kuzodingeka uphenyo olunzulu kuzo zonke lezi zigameko, ukuze kutholakale umnyombo wokuthi zibangelwe yini nokuthi kungani le mboni isibhekana nokwanda kwalezi zigameko?” kusho kanje.
Kuvele ukuthi abashonile bebedabuka e-Eastern Cape.
Lokhu kuvezwe yikhansela lendawo, uNkk Tammy Colley, ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo.
UNkk Colley uthe ukhulume kafishane nabasondelene noyedwa obembozekile.
“Ngesikhathi befika endaweni yesigameko, bebekhala bengalawuleki. Sithole ukuthi bonke abathintekayo bebengabokudabuka e-Eastern Cape, kodwa baqashe kulesi sifundazwe ukusondezela umsebenzi,” kubeka uNkk Colley.
Uqhube wathi isigameko senzeke ngabo-9 ekuseni, banikela khona.
“Sithole abezimo eziphuthumayo ezehlukene sebevele befikile. Indawo lapho okwenzeke khona isigameko bekuyikhaya lomuntu,” kusho uNkk Colley, oqhube wathi ubengekho umnikazi wendawo ngesikhathi kutakulwa abambozekile.
Uthe babonga umphakathi ngokusheshe ubike ukuthi sekwenzeke isigameko nokuthi usondele masinyane emva kwesigameko.
Uthe babuye babawusizo nasethimbeni ebelitakula beliboleka izinsiza ezifana nama-generator, ukudla neziphuzo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube edlulisa amazwi enduduzo emindenini yabasholelwe, uthe kuyakhathaza ukwenzeka kwesinye isigameko embonini yezokwakha.
“Kuyadabukisa futhi kubuhlungu ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani nozakwabo babane abalahlekelwe yimpilo yabo. Lesi sehlo silethe losizi emphakathini, sikhala nalabo abalahlekelwe,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe ngesikhathi belinde umphumela wophenyo lwamaphoyisa ngokuholele kule nhlekelele, bazoqhubeka nokunika imindeni ethintekayo ukwesekwa nalolonke usizo eludingayo.
Uthe bafisela nophuthunyiswe esibhedlela ukululama okusheshayo, wathi babonga nokusebenza ngokuzikhandla kwamathimba abesebenzi ukutakula abagilwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa avule amadokodo okufa kwabantu amane emva kokuthi udonga luwele kubasebenzi abahlanu, kwashona abane.
“Amaphoyisa aseqale nophenyo ngembangela yokuwa kodonga oluwele phezu kwabasebenzi endaweni yokwakha esemgwaqweni uZen Drive eBallito, ngoMgqibelo,” kusho uNetshiunda.
Uthe olwazi abasenalo okwamanje bengamaphoyisa bezingu-14 izisebenzi ebezikule ndawo yokwakha ngesikhathi udonga luwela kwabayisihlanu, lubagqiba.
“Amathimba abebheka emaphoyiseni esebenzisana nezinye izinhlaka ezizimele, akwazile ukukhipha bobahlanu ebebegqibekile kodwa abane babo bese beshonile,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi oyedwa utholwe esaphila yize ebesehlale amahora ayisithupha ngaphansi kodonga oluwile.
“Amadokodo okufa kwabantu avuliwe ukuthi aphenywe, imbangela eholele ekutheni kuwe udonga nayo izoba yingxenye yophenyo,” kusho uNetshiunda.
UMnuz Stoney Buthelezi wenkampani i-Thelbridge Enterprise (PTY) Ltd, uthe ezigamekweni ezifana nalezi kunzima ukusho ukuthi yini imbangela yazo ngoba kwesinye isikhathi basuke beyilandele yonke imigudu efunekayo osonkontileka kodwa ziqhubeke zenzeke izingozi.
"Indaba yokwakha ibucayi. Uthola ukuthi umakhi ulithathile isampula lomhlabathi layohlolwa ngaphambi kokuthi kuqale umsebenzi, imiphumela ibuye ithi ungaqhubeka umsebenzi wokwakha, kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi kwenzeke ingozi," kusho uButhelezi.
Uqhube wathi kunzima ukuqagula ukuthi yini ebingenziwanga kahle kulesi sigameko.