BEBEGCWELE uvalo yize bebenokuzethemba abafundi abane abagile izimanga baseSibusisiwe Comprehensive Tech High, eMbumbulu.
Lesi sikole sithole u-100%. Abafundi abathole o-A abangu-8 ngu-Asanda Dube (18), Akhona Shange (18), Mandisa Mapumulo (18) no-Uyanda Khwela (17).
Bobane izifundo abaziphase ngamalengiso kube yiMaths, Physical Science, Accounting, Life Sciences, Geography, isiZulu, English neLife Orientation.
Bekhuluma neSolezwe bobane bathe bebenovalo olukhulu ngokuthi imiphumela izohamba kanjani. Okuqaphelekile ukuthi bobane baveze intshisekeyo abanayo yokuba ngodokotela.
U-Uyanda Khwela uthe bebesebenza ngokuzikhandla okukhulu nsuku zonke. "Angifuni ukuqamba amanga benginovalo kodwa ngijabule kakhulu ukuthi ngiphase kahle kangaka," usho kanjena.
Uthe ufake isicelo sokuyokwenza iMedicine eNyuvesi iKwaZulu Natal.
UMandisa uthe belumxinile uvalo ngemiphumela wathi kodwa ubazi ukuthi usebenze kanzima. Ubethulele isigqoko bonke othisha bakulesi sikole ngokusebenza ngokuzikhandla okukhulu.
"Iyamangalisa indlela othisha bethu abasebenze ngayo ngokuzikhandla. Bebenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyaphumelela. Bebekhathazeka kakhulu uma kukhona into ababonayo ukuthi kasiyiqondi kahle," echaza.
Uveze ukuthi kukhona amakilasi abengena ngo- ntambama aphume ngo- 9 ebusuku athe ukholwa ukuthi aklame indima enkulu ekutheni benze kahle ezifundweni zabo.
Uthe ufake isicelo sokwenza iMedicine neComputer Science ezikhungweni ezahlukene.
U-Akhona uqale waveza ukuthi uvalo belumxine kangakanani. Uthe ukuzimisela kothisha kubasizile njengabafundi ekutheni benze kahle kakhulu emimphumelweni yabo. Wathi uyokwenza iMedicine, eNyuvesi iPitoli.
U-Asanda obaqwaqwade bonke kulesi sikole uthe wemukeliwe eNyuvesi iKapa ukuyokwenza iMedicine.
"Ngijabule kakhulu ngokuthi konke kuhambe kahle kodwa nami belungibulala uvalo," echaza.
Uthishanhloko wesikole uMnuz Mzwakhe Duma uncome ukusebenza kanzima kothisha.
Wancoma nesisekelo esiqinile kakhulu athe sabekwa uthishanhloko waphambilini uMnuz Sipho Khomo.