BEBEYIZINTANDOKAZI uthishanhloko nothisha waseSogidi Primary, eNsuze, abashone ngoLwesithathu, imoto ebebehamba ngayo ishayiswa yi-ambulensi ngaseVerulam.
UNkk Ntombenhle Nokuthula Sibisi (49) waseChurches Hill oThongathi, obenguthishanhloko noNksz Slindile Mbhele (36) waseBhamshela obenguthisha, kuthiwa bebesendleleni eya emhlanganweni wothisha eNdwedwe.
Kule ngozi kuphinde kwalimala abanye othisha ababili, okubikwa ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela lapho abasalaliswe khona.
Imoto abebehamba ngayo bekungeyomunye wothisha abasesibhedlela, kuthiwa bavumelane ngokuthi kuhanjwe ngemoto eyodwa, okuyinto abavame ukuyenza uma kuyiwa emhlanganweni wothisha.
Umyeni kaNkk Sibisi, uMnuz Thamsanqa Sibisi, uthe bafe olwembiza ngokufa kwakhe, wabalula ukuthi ubewuhlobo lomuntu obeluwuthanda futhi lizinikele emsebenzini walo.
“Eminyakeni emningi edlule wasungula inhlangano engenzi nzuzo, iPartners For Possibilities abesiza ngayo othisha nabafundi ukuthi benze kangcono emsebenzini wesikole. Ibisiza kakhulu othisha. Ubezimisela kakhulu, lapho adlula khona ubeshiya umaka,” kusho uSibisi.
Uveze ukuthi uNkk Sibisi waqala ukusebenza ngo-1996, kanti kwesobuthishanhloko uqale ngo-2007, khona eSogidi.
Ukhale ngokuthi indawo okwenzeke kuyo isigameko ivamile ukuba nezingozi, wathi bafisa kufakwe izinciphisajubane.
“Sizwe kuthiwa bebethi bayajika kanti kuzoqhamula i-ambulensi igijima, yazithela kubona. Impela siyafisa kufakwe izinciphisajubane ukunqanda izingozi kuleya ndawo abashonele kuyo,” kusho yena.
Udadewabo kaNksz Mbhele, uNksz Londeka Mbhele, uthe balahlekelwe wumuntu obewusizo emndenini kanjalo nasesikoleni abefundisa kuso.
“Emphakathini owakhele isikole abesisebenzela, ubengaconsi phansi, ethandwa kakhulu. Umsebenzi wakhe ubewuthanda ngendlela yokuthi bekubonakala ngezindondo abeziwola unyaka nonyaka,” kusho uNksz Mbhele.
Uqhube wathi behluleka nawukubala ukuthi zingaki izindondo nezitifiketi abede ezithola.
Uthe kwenzeka isigameko nje, uNksz Mbhele ngesikhathi evalelisa ekuseni, uthe akomkhumbuza uma ebuya ntambama amxoxele ngephupho elibi avuke nalo.
“Ngigcine ngingazanga ukuthi belithini, bengithi uzongixoxela uma ebuya kanti ngeke kusenzeka,” kusho uNksz Mbhele.
Uveze ukuthi waqala ukufundisa ngo-2007, efundisa uGrade 1 engakazitholi iziqu. Wathi iziqu ugcine ezithola ngo-2017, waqashwa ngokugcwele ngo-2018.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile nasesikoleni.
Ubuye wafisela othisha abalimele ukululama okuphuthumayo njengoba bephuthunyiswe esibhedlela.
“Sifisa ukuthi uNkulunkulu abenabo ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uNkk Frazer, oveze ukuthi ubuholi bezemfundo ezingeni lesifunda iLembe buhambele imindeni yabashonile nesikole, ukuyoduduza.