KUZOFIKA amaholidi kaKhisimusi sebenezindawo eziphephile nezinesithunzi zokuhlala, bonke abakhahlanyezwa yizikhukhula ngo-Ephreli abagcinwe ezikhungweni zomphakathi kuMasipala weTheku.
Lokhu kuqinisekiswe yiMeya kulo masipala, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo ngesikhathi evula ngokusemthethweni elinye ibhilidi elizohlala imindeni engu-163 ebifihle amakhanda emahholo elisoThongathi, eliseLa Lucia naseCaneland Training Centre emva kokuthi imizi yayo yacekeleka phansi kugasela izikhukhula.
UKaunda uthe umasipala usukwazile ukuthola amabhilidi angu-13 okuzohlala kuwo abagilwa. Wathi ezikhungweni ezingu-120 ebezigcine imindeni eyakhahlamezeka, sekusele ezingu-58 kuphela ezingakavalwa nathembise ukuthi kuyothi kuqambe kushaya uDisemba 15 kube kungasekho muntu okhosele emahholo nakwezinye izikhungo zomphakathi.
“Ebantwini abangu-3 448 abasagcinwe ezikhungweni zomphakathi, abangu-2 000 kubona bazobe sebezitholile izindawo zokuhlala ngasekupheleni kwale nyanga bese kuthi ngoDisemba 15 abangu-1 448 abasele sizobe sesibasusile ezikhungweni zomphakathi sabatholela izindawo zokuhlala,” usho kanje.
Uthe umsebenzi wokuhlonza iziza usuvele uqalile njengoba kulindeleke ukuthi ngo-2024 kube sekuphothuliwe ukwakhelwa kwabagilwa njengoba emabhilidini esikhashana, okuzohlala kuwo abagilwa bezikhukhula, umasipala uwaqashe izinyanga ezingu-24 kuphela.
Uthe sekubekwe eceleni uR250 million wokulungisa ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle, waqinisekisa ukuthi kuzophothulwa engakaqali amaholidi kaDisemba.
.