KUZOSHUBA kwabahlomule ngokungafanele ngesibonelelo sika-R370 sabangasebenzi njengoba uhulumeni ephasise umthetho wokuthi basikhokhe abasithole kungafanele.
Lo mthetho uvumela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, ukuba alande uR370 otholwe abakade bengafanele ukuwuthola.
Uzoqala ukusebenza kule nyanga njengoba uNkk Zulu efuna ukuqinisekisa ukuthi uR370 okhuphuke kule nyanga, usuka kuR350, utholwa ngabantu abawudinga ngempela.
“ISouth African Social Security Agency (Sassa) ifuna ukuqinisekisa ukuthi isibonelelo sabangasebenzi esiwele kumuntu ongafanele siyabuyiswa. Ngokwesigaba esibizwa ngo-sub regulation 2, iSassa igqugquzela abantu ukuba baqinisekise ukuthi imininingwane yabo yileyo efanele. Uma umuntu ofake isicelo engatholakali, engawuthinti uSassa noma engavuseleli imininingwane yakhe ngeke simkhokhele isibonelelo,” kuchaza uNkk Zulu.
Uveze ukuthi abantu abangayithinti iSassa ezinsukwini eziwu-90 emuva kokuthi becelwe ukuba bathinte le nhlangano ngeke basithole isibonelelo sabangasebenzi.
Isibonelelo sabo sizobuyela kuhulumeni njengoba iSassa ifuna yonke imali iye kubantu abaziwayo ukuthi bakhona futhi abasebenzi.
Uthe kufanele abantu baqinisekise ukuthi iSassa inemininingwane yabo efanelekile okuhlanganisa nenamba yocingo abatholakala kuyona, kanjalo nemininingwane yasebhange efanelekile.
Ngokwezibalo zikahulumeni bangaphezu kuka-8 million abantu abahola isibonelelo sabangasebenzi kuleli.