BAZOQONDISWA ubugwegwe abasebenzi bezempilo abangaphansi kweNehawu abangalubhadanga emsebenzini izolo.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, lithe abaphathi nezimenenja zezikhungo zezempilo ezweni lonke, izolo, bebeqoqa ulwazi bebheka ukuthi bonke abasebenzi okumele babe semsebenzini babuyele.
"Abasebenzi abazibandakanye nesiteleka abazukuziholela izinsuku abebeteleke ngazo, abangabuyanga esitelekeni bazoqondiswa ubugwegwe. Kukhona abanye ababonakala kuma-video bengena emawodini alalise iziguli ezigula kakhulu bekhipha onesi, abanye bevimbela amaambulensi ukuthi angene ezikhungweni zezempilo. Isihluku esingakaze sibonakale,” kusho uDhlomo.
“Labo ababonakala kulawo ma-video kuzomele bachaze ukuthi bebenzani nokuthi bebeyofunani emawodini? Uma bengakwazanga ukuchaza bazobhekana nesijeziso esinzima.”
Ezifundazweni eziningi imibhikisho ezikhungweni zezempilo ibingekho izolo. E-Western Cape abasebenzi bakhona bebebhikisha phambi kwamahhovisi oMnyango wezaKhaya, bethi isiteleka sisaqhubeka, abasebenzi ababuyele emsebenzini yilabo abenza umsebenzi obucayi.
UNobhala weNehawu, uMnuz Temba Gubula, uthe abantu abaningi abasifundisisanga isinqumo senkantolo. Bezwe ukuthi abasebenzi kumele babuyele emsebenzini kanti bekukhulunywa ngabasebenzi abenza umsebenzi obucayi, hhayi bonke abasebenzi.
"Abasebenzi abathinteke kakhulu ngabasebenzi bezempilo. Nathi njengenyunyana besivele sesithathe isinqumo sokuthi kumele babuyele emsebenzini ngoba siyinyunyana enakekelayo. Akusiwo wonke umsebenzi wezempilo owenza umsebenzi obucayi. Abagunda utshani, abaphekayo nabasemahhovisi kabenzi umsebenzi obucayi ngakho bavumelekile ukuteleka,” kusho uGubula.
KwaZulu-Natal nakhona abasebenzi okungebona abezempilo bebesaqhubeka nokubhikisha. Ungoti wezindaba zabasebenzi, uMnuz Tamsanqa Mila, uthe umsebenzi angaxoshwa ngecala lokungaziphathi kahle elenzeke ngesikhathi kunesiteleka.
"Icala lokungaziphathi kahle esitelekeni libhekiswa kuye umsebenzi. Uma kunezinto okumele zikhokhwe inyunyana umsebenzi angaphansi kwayo, iyona ebhekana nokukhokhela lowo monakalo," kusho uMila.