ZIXWAYISA uhulumeni ngokuthi kukhulu okuzayo uma engahlangabezani nezimfuno zazo, izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni ezizomashela umnyango kamgcinimafa.
Imifelandawonye yezinyunyana iFedusa, Cosatu kanjalo neSaftu, ixwayise ngokuthi kuzophazamiseka ukusebenza kweminyango ehlukene kahulumeni ngoLwesibili oluzayo, uma seyimasha izwakalisa ukungenami kwayo kuhulumeni ngokunyuselwa amaholo ngo-3%.
Izolo uhulumeni uwufake ngenkani u-3% wamaholo phezu kokuba ezinye zinyunyana zafaka isexwayiso sokuthi akuvunyelwananga.
Umengameli wenyunyana yabahlengikazi iDenosa, ongumgqugquzeli wekomiti lezingxoxo kwiCosatu uMnuz Simon Hlungwani, izolo utshele abezindaba esithangamini esihlanganisa imifelandawonye eTshwane, ukuthi uma uhulumeni engafuni ukuphucula amaholo abasebenzi kukhulu okuzayo.
“Isiqalo lesi semashi enkulu yangoNovemba 22, lapho sizomashela emadolobheni amakhulu bese ukhukhulelangoqo wemashi uya emnyangweni kamgcinimafa. Isiphatha kabi indaba yokuthi uNgqongqoshe wezimali uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelo mali athi usizamile ekubeni esinyusele ngamakinati awu-3%,” kusho uHlungwani.
Uthe ngeke baphoqe muntu ukuthi abe yingxenye yemashi.
“Ngifuna ukwazisa izwe ukuthi nabasebenzi abenza imisebenzi ebucayi bakulungele ukubhikisha. Uma kubhikisha bona kusho ukuthi kuyoma yonke into ezibhedlela, emaphoyiseni, ojele neminye imikhakha.”
Uthe bafuna kuqashwe abasebenzi abaningi abahleli emakhaya okungothisha, abahlengikazi, amaphoyisa, osonhlalakahle nabanye.
“Incane le mali engenile uhulumeni ayifake ngenkani noma kuthiwa ihlehliswe ngezinyanga eziyishiyagalombili. Izindleko zinyukile zokudla, ugesi, amanzi, ukudla nezinye izindleko kodwa sekuphele iminyaka emibili imali inyuswa ngento engekho.”
Uthe basazivulile izandla zabo zokuthi basengaxoxisana nohulumeni. Ugxeke abakhuluma eyokudiliza abasebenzi ngoba uhulumeni ekhokha kakhulu.
“Lo-3% awufakile unguR14 billion kuphela. Ingakanani enye imali elahlekayo ifakwa ezinkampanini zikahulumeni ezifuna ukutakulwa njalo. Nalabo abakhuluma ngokudiliza asiqale sibone ngongqongqoshe beshiya izikhundla ngoba inqwaba yabo ingaphezu kweminyaka engu-65.”