UNDUNANKULU kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthi bazibizela amabhadi labo abaqhubeka nokuphikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UButhelezi uxwayise ngokuthi bazokwehlelwa okubi labo abamelene neSilo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabebezokweseka iSilo ecaleni elifakwe nguMntwana uMbonisi kaBhekuzulu nabanye, abafuna ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal nesikhwama Ingonyama Trust, bengabe besazikhokhela izindleko zabameli beSilo.
Icala belilalelwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoLwesine.
Abanye abaNtwana abafake icala uVulindlela, Mathuba, Lindiwe, Zweliyazula, Bukhosikabupheli, noBhekinkosi.
UButhelezi uthe abanikazi besihlalo sobukhosi bukaZulu abathandi ukuthi kube nabantu abanyakazisa iSilo.
“Labo abaxhakazisela iSilo imikhonto, leyomkhonto izophenduka ibheke ngakubona. Labo abafisela iSilo okubi, bazidonsela amanzi ngomsele. Kuthiwa kwembulwa kwembeswa komunye walabo abafake icala, akakwazi nokusayina amaphepha asenkantolo.”
UButhelezi uthe bazoqhubeka nokweseka iSilo.
“Njengoba sasho ukuthi ilanga seliphumile, akekho oyolicisha lelo langa. Ocabanga ukuthi engafika eNgonyameni, kofanele adlule lapha kithi. Unyaka wesithathu lona iSilo sifakwa ezinkantolo. Nokungenadosi kuyatinyela. Uze uzibuze ukuthi engabe iphumaphi imali?”
UButhelezi uthe kusobala ukuthi inhloso kaMntwana uMbonisi nabanye ukuthi iSilo siye enkantolo singenabo abameli, bese siyehlulwa.
Ngaphakathi enkantolo ummeli kaMntwana uMbonisi, u-Advocate Thabani Masuku, uthe awukho umthetho ogunyaza uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuba akhokhele abameli beSilo.
IHhovisi likaNkk Dube-Ncube libeke eceleni uR30 million ozokhokhela abameli beSilo.
“Bahlulekile ukusikhombisa noma isigaba esisodwa somthetho esibanika igunya lokuthi bakhokhele abameli beSilo. Kungani bekhokhela abameli bohlangothi olulodwa? ISilo esabuza sinamanye amazinyane aphakanyiselwe ukuba athathe isihlalo sobukhosi. Kungani bona bengaxhaswa ngemali yabameli?”
UMasuku uthe Ingonyama Trust ayinalo igunya lokukhokhela abameli beSilo. UMasuku ukhale nangokuthi ibhodi leNgonyama Trust elikhona alikho emthethweni.
Amaphepha amaningi abefakwa nguMntwana uMbonisi agcine ekhishiwe.
Phakathi kwezinto ezikhishwe ukuthi iSilo siphucwe imihlomulo esiyithola kuhulumeni, igunya lokuqoka undunankulu kaZulu nebhodi leNgonyama Trust.
UMasuku uthe bayakwamukela ukuthi okwamanje iSilo uMisuzulu yisona esihlezi esihlalweni.
Uthe uma belinqoba icala lapho bephonsela khona inselelo ukuqokwa isinqumo sikaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo, uMntwana uMbonisi nabanye abaNtwana abadala ibona abazobheka ozongena esihlalweni.