UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthembise ukwakhela izindlu zokufihla amakhanda abasale dengwane ngenkathi kusha imijondolo yabo lapho kudlule khona imiphefumulo yabathathu KwaShembe, eClermont, ngoLwesibili.
UHlomuka ukusho lokhu izolo ngenkathi ehambele umndeni oshonelwe yizingane ezintathu, ebezikomunye wemijondolo eshile nabanye abasale dengwane emva kwalesi sehlo.
“Sisebenza ngokushesha ukuze sakhele abathintekayo izindlu abazolindela kuzo ngoba ihholo abakhosele kulo alibalungele kahle njengoba beyimindeni futhi bedinga izindawo zabo.
Inhloso yethu ukubakhela izindlu zangempela. Kodwa lokho kuzothatha isikhathi ngoba kumele sikwenze ngendlela eyiyo,” kusho uHlomuka.
Ufike nokudla nezingubo akunikele emindenini eshonelwe nabasale dengwane. Uthe umnyango uzolekelela ukungcwaba izingane ezishonile.
“Noma ngingeke ngikwazi ukudalula usuku lomngcwabo kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi umnyango uzowusiza umndeni ufihle amalungu awo amathathu,” kusho uHlomuka.
Emva kokuhambela umndeni oshonelwe uHlomuka udlulele ehholo lomphakathi lapho kukhosele khona ababalelwa ku-28 abasale dengwane.
Omunye okhosele kuleli hholo, uMnuz Lulamile Chagi, uncome usizo lwekhansela lasendaweni nohulumeni njengoba beshelwe.
“Isimo sinzima njengoba sihleli sonke kuleli hholo. Kodwa selokhu kwenzeke lesi sehlo siyaluthola usizo njengokudla nokunye. Namanje ungqongqoshe usinikelele ngezingubo nokudla futhi usithembisile ukuthi uzosisiza asikhiphe kulolu taku,” kusho uChagi.
Ibalelwa kwengu-18 imijondolo eshile kanti eyisikhombisa ingqongqe yaphela.
Kuthiwa uNksz Samukelisiwe Ngxolo (17) ubenezingane zakhe ezimbili * -Oluhle (3) noSanokuhle obenezinyanga eziyisithupha ngenkathi kusha umjondolo abebehlala kuwo nogogo wakhe nabanye abazukulu abathathu.
Ugogo wabashile, uNksz Xoliswa Ngxolo (56), uthe ubephelezele abanye abazukulu bakhe ngenkathi kwenzeka isehlo.
UHlomuka ubuye waxwayisa umphakathi ukuthi uqaphele uma usebenzisa umlilo futhi uqiniseke ukuthi izingane zigadiwe, ukuze kugwemeke izigameko ezifana nalezi.