INHLANGANO engenzi nzuzo iMonarkhia Academy, isayine isivumelwano sokusebenzisana nesikole samabanga aphansi, iPhikiswayo Primary, eLindelani, eThekwini, ukugqamisa ezemidlalo ezinganakiwe ezikoleni.
UMnuz Cebolenkosi Mzinyane weMonarkhia Academy, uthe baqale lolu hlelo ngoba befuna ukuvala igebe phakathi kwezikole zasemalokishini nezasedolobheni, ngokugqamisa ezemidlalo ezinganakiwe emalokishini.
“Yingakho siqale esikoleni iPhikiswayo ngoba yiyo eyamukele kuqala umbono wethu, sizobambisana nayo unyaka wonke ukucija abafundi ukudlala iHockey, okuwumdlalo ongagqamile emalokishini nasemakhaya.
“Kumanje sesiqalile sithungatha abantu basemphakathini abazosisiza ukufundisa izingane ukudlala lo mdlalo, ngoba sikholwa wukuthi ezemidlalo zibamba iqhaza elikhulu ekukhaliphiseni imiqondo yezingane.
“Asizukugcina lapho, sizoqhubeka nezinhlelo zokukhuthaza abafundi ukukhuthalela ukufunda - siphinde senze imincintiswano yokuklomelisa izingane ezenza kahle ezifundweni ukuze zikhuthale,” kuchaza uMnuz Mzinyane.
Eqhuba, uthe ngeke bagcine ePhikiswayo kuphela, kepha bazoqhubeka nakwezinye izikole zamabanga aphansi naphezulu eLindelani namaphethelo.
“Sifuna ukuthi lezi zinhlelo zethu zigcine sezingenise hhayi eLindelani kuphela, kepha kuzo zonke izindawo ezingaphasi kwe-INK - okuyiNanda, Ntuzuma naKwaMashu ngokuhamba kwesikhathi,” kuphetha uMzinyane.