BAZOMENYEZELWA ngemuva kokhetho ondunankulu be-ANC abazobe bephakanyiswe wubuholi bale nhlangano ezifundazweni.
Lokhu kushiwo nguNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula esithangamini sabezindaba izolo emuva komhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano obukuleli sonto.
UMbalula uthe izifundazwe kumele zibambe imihlangano yokukhetha abaholi abathathu abazoba ondunankulu.
“Laba baholi bazobe sebehlonywa imibuzo, okuwuhlelo oluzokwenziwa yizikhulu ze-ANC. Kuzobe sekukhethwa oyedwa ozoba ngundunankulu. E-Western Cape ngoba asiphethe kulesi sifundazwe sizomemezela undunankulu esizofolosa ngaye emuva kokuxhumana nezinhlaka ezehlukene. Kwezinye izifundazwe ngeke senze ngale ndlela ngoba siphethe.”
Usho lokhu nje, amaqembu amaningi asephumele obala amemezela abantu azofolosa ngabo ezikhundleni zondunankulu.
Muva nje, i-IFP KwaZulu-Natal imemezele ukuthi izofolosa ngoMnuz Thami Ntuli kwesikandunankulu.
UMbalula uthe umhlangano wesigungu esiphezulu senhlangano uzohlala maphakathi nale nyanga ukuze uphothule uhlelo lokuqoka abantu abazomela le nhlangano.
“Lo mhlangano uzobe ubalulekile ngoba uzonquma ngabazomela le nhlangano ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe. Sifuna abantu abanamava abazomela inhlangano.”
Uveze nokuthi kuningi abakwenzele abantu bakuleli, wathi sekunogesi, amanzi, izindlu nezinye izinto ezifana nezibonelelo.
Uzwakalise ukukhathazeka ngendlela okuphethwe ngayo isikhwama esixhasa ngemali yokufunda izitshudeni emakolishi nasemanyuvesi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
“Simbizile uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ngalokhu kukhathazeka. Sifuna kube nohlelo olucishe lufane nolweSassa lokuthumela imihlomulo ngqo kwizitshudeni njengoba kutholakala izimpesheni. Uhulumeni angakwazi ukuzenzela lo msebenzi ngoba imali iyaphuma kodwa izitshudeni ziyabhikisha, zikhala ngokuthi le mali ayifinyeleli kuzona.”
Mayelana nodaba lokumisa owayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma, abamise nobulungu bakhe ngenxa yokuziyamanisa neqembu uMkhonto weSizwe, uMbalula uthe abakayitholi impendulo.
“Siyazi ukuthi kungenzeka siyithole noma singayitholi kuZuma ngoba usesithathile isinqumo sokuthi ufuna kuvotelwe iqembu iMK. Silindele noma yini kuyena. Siyazi usazokhuluma izinto ezishaqisayo ngoba ezinye zazo ubehluleka ukuzikhuluma esakwi-ANC ngoba azi ukuthi ngeke sihambisane nazo. Manje unalo lonke ilungelo lokuthi azikhulume.”
Uthe uZuma udukisa abalandeli beMK abacabanga ukuthi bazowina ngamalengiso okhethweni.
Uveze nokuthi bayajabula ngokumiswa kokudayiswa kwezinto zowayengumengameli uMnuz Nelson Mandela, obekwenziwa ngenye yezingane zakhe.