UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo kuleli uthi phansi amaphaphu kulabo abacabanga ukuthi kuzophazamiseka ukufunda nokufundisa ngesiteleka se-EFF njengoba ngoMsombuluko abafundi bephiwe iholidi.
Umnyango uthe ikhalenda lalo nyaka lezikole lenziwa eminyakeni emibili edlule ngakho abafundi abaphiwanga uMsombuluko ngoba kusatshelwa ukuthi bazophazanyiswa yilo mbhikisho.
NeKhabhinethi yakuleli ikuvezile ukuthi ayikho ingcindezi ebekhona yokuthi kuvalwe izikole ngenxa yombhikisho.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe uma benza ikhalenda lonyaka, babheka ukuthi amaholidi anini ukuze baphe abafundi iholidi ukuze bangezi usuku olulodwa bese bephinde behlala emakhaya.
Uthe ikhalenda lalo nyaka lenziwa, lagunyazwa eminyakeni emibili edlule ngakho akukho ngcindezi abayitholile yokuthi bavale izikole ngenxa yombhikisho we-EFF.
“Kwahlalwa phansi kwahlelwa ukuthi njengoba ngoLwesibili, ngoMashi 21, kuzobe kugujwa usuku lwamalungelo abantu, kungcono uMsombuluko umhlaka 20 Mashi, ube yiholidi ezikoleni. Yinto umphakathi owaphawula ngayo eminyakeni edlule ukuze siyigunyaze ibe semthethweni,” kusho uMhlanga.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma nabezindaba izolo ngemuva komhlangano weKhabhinethi kuleli sonto, uthe kuneqeqebana eliqamba amanga ukuthi uhulumeni wanikwa umnqamulajuqu wokuthi uvale izikole ngenxa yalesi siteleka.
Uthe laba abasho lokhu bayaphupha nje ngoba izikole zikahulumeni nezizimele zizobe zingafundisi ngenxa yeholidi ezanikwa lona.
“Kuyacaca ukuthi kukhona abaqamba amanga befuna kuthiwe uhulumeni ugobe uphondo wavala izikole ngenxa yalesi siteleka. Njengoba abanye abazali izingane zabo zizobe zingafundi, nabo bathathe ilivu ukuze bahlale nazo njengoba ngoLwesibili kuzobe kugujwa usuku lwamalungelo.”
Uthe uhulumeni ngeke asatshiswe yilabo abafuna ukuphazamisa.
Mayelana nokufunda kwamanye amanyuvesi ngalolu suku, uthe uMqondisi jikelele emnyangweni wemfundo ephakeme, uDkt Nkosinathi Sishi, utshele iKhabhinethi ukuthi izinkinga ebezikhona kwamanye amanyuvesi ziyalungiswa.
Uthe emanyuvesi angu-26 kuleli, angu-11 abe neziteleka.
“Manje mahlanu asenezinkinga uMqondisi jikelele womnyango wemfundo ephakeme athembise ukuthi izinkinga zawo ziyalungiswa. Izitshudeni bezikhala ngezindawo zokuhlala kanjalo nangendaba yokungabhaliswa kozakwabo abangalutholi uxhaso lweNSFAS.”