UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, usexwayise ngokuthi uzolwa nesihlava sokulova kothisha, othisha abalala nabafundi kanjalo nokudayiswa kwezikhala zomsebenzi emnyangweni.
UMshengu, okuke kwaba nezikhalo ngokuthi akanaso isipiliyoni sokwengamela lo mnyango, ufuna linyuke izinga lokuphasa kwa-matric, libe ngaphezulu kuka-80% kulo nyaka.
“Sizolwa nesihlava esihlasele ezikoleni, okubalwa ukulova kothisha, othisha abalala nabafundi kanjalo nokudayiswa kwezikhala. Sifuna ukuvikela ikusasa labafundi. Ngeke sibabekezelele othisha abalala nabafundi,” kusho uMshengu.
Uthe bazolandela yonke imithetho ukubhekana nendaba yothisha abalala nabafundi ngoba othisha bangabazali.
“Nendaba yokulova kothisha sizobhekana ngqo nayo. Othishanhloko kumele benze umsebenzi wabo. Kumele sibuyele kokudala, othishanhloko baphendule ngendlela abaphethe ngayo izikole. Uma kulovwa esikoleni esithile, uthishanhloko nguyena okumele aphendule ukuthi uthisha olovile ukuphi,” kusho uMshengu.
Mayelana nendaba yokuthi izinyunyana yizona eziphethe ngobhongwane umnyango, uthe abafuni ukuthi izinyunyana zibukeke sengathi ziphethe umnyango.
“Kumele sihloniphe ukusebenza. Kunabantu abaqashelwe ukuphatha umnyango. Izinyunyana zinomsebenzi wazo, akumele omunye angene emsebenzini womunye.”
Uthe ingqalasizinda ngenye yezinto azoyibeka eqhulwini njengoba kushoda amakilasi.
“Kumele sigxile kwingqalasizinda, kushoda ama-lab eSayensi, kukhona abafundi abafunda iSayensi ngokuyicabanga nokuyifunda encwadini, bengaboni into uma isiyenziwa. Yingakho iseqhulwini indaba yengqalasizinda kumele ilungiswe ngokushesha,” kusho uMshengu.
Uthe nendaba yokuphepha kwabafundi ezikoleni ngenye yezinto abazobhekana nayo bengumnyango.
“Kumele baphephe abafundi nothisha ezikoleni. (Lokho) ngenye yezinto okumele siyiqinisekise. Sizogxila nasezintweni ezithinta othisha ngqo. Sengithole izikhalo ngendaba yokungakhokhelwa kothisha imihlomulo yokusebenza emakhaya, ngenye yezinto okumele siyilungise,” kusho uMshengu.
Sezike zakhala izinyunyana ngokuthi kwezinye izikole othisha bayakhokhelwa lo mhlomulo kodwa kwezinye abakhokhelwa ekubeni izikole zisendaweni eyodwa, kokunye zisuke zihlukaniswe umgwaqo.
Uthe nendaba yokushoda kothisha usethole izikhalo ngayo, wathi uthisha oyedwa ugcina esefundisa abafundi abaningi.
“Kudingeka sibe nesibalo esilungele ekilasini ukuze uthisha akwazi ukugxila kubafundi. Akumele afundise isibalo esikhulu ngoba ugcina engasakwazi ukugxila kumfundi osuke edingeka usizo.”
Uthe ngeke basabe ukususa othishanhloko abangawenzi umsebenzi.
“Noma kuthiwa ubani siyomsusa, ngeke sisabe ukuthatha izinyathelo. Ngisho kwamina imbala kumele ngiphendule uma ngingawenzi umsebenzi,” kusho uMshengu.
Odabeni lwezinkinga ohlelweni lokuphakela abafundi ezikoleni, uthe abantu bayaluxhaphaza uhlelo.
“Abantu bafuna ukuzuza ngalolu hlelo. Lolu hlelo lwasungulelwa ukuthi lusize abafundi abaqhamuka emakhaya ahlwempu, abangakwazi ukugxila ezifundweni ngoba belambile. Sizobhekana nendaba yamacala afakwe osonkontileka kulolu hlelo, ukuze silulungise ukuze abafundi baqhubeke badle bangaphazamiseki ezifundweni zabo ngoba belambile,” kusho uMshengu.
UMshengu uthe kumele kusetshenziswane ukuze kuphuculwe imiphumela.
UMshengu uzalwa eMooi River. Ufunde ezikoleni zasemapulazini. Enza uGrade 1 wayefunda esakhiweni okwakusengelwa kuso.
“Ekuseni kwakuqala kusengwe bese sifaka amadeski sifunde. Nantambama kuphinde kusengwe.
Sasinqamula sihamba ngabo-5 ekuseni sigqoke izingubo zasekhaya. Uma sesifika emgwaqweni oyitiyela sishintshe sigqoke inyufomu ngoba sasisuke sihamba emahlathini,” kusho uMshengu.
Uthe impilo yakhe iseMpofana eMooi River, uninakhulu usaphila, ubegubha iminyaka engu-100 ngoMashi nonyaka. Uyisemkhulu washona njengoba akhuliswa yibona, abazali bakhe basekhona
UnguSihlalo wophiko lwentsha lwe-ANC esifundazweni. Ushadelwe, unezingane ezimbili.