ZITHUKUTHELE ziyaveva izisebenzi zikahulumeni kuleli emva kokuba zinganyuselwanga imiholo yazo njengoba bezilindele uchatha emholweni wayizolo.
Abasebenzi abahola kancane bebelindele ukwenyuselwa imiholo ngo-7%, kuthi abaphakathi nendawo banyuselwe ngo-6.5%, kuthi abahola kakhulu banyuselwe ngo-6%.
Inyunyana yalezi zisebenzi iPublic Servants Association (PSA) isabisa ngokuthathela uhulumeni izinyathelo zomthetho njengoba ithi wephule isivumelwano. IMenenja yePSA KwaZulu-Natal uMnuz Charles Ngubane ithe izisebenzi azeneme ngokunganyuselwa imali.
“Kunesivumelwano seminyaka emithathu esasayinwa, esisuka ku-2018 siye ku-2020, uhulumeni uyinyusile imali ngo-2018 nango-2019, manje njengoba esethi akanamali, sifuna ukwazi ukuthi imali ishonephi ngoba ngesikhathi kusayinwa isivumelwano kwathiwa ikhona,” kusho uNgubane.
Uthe kumanje balungisa amaphepha nabameli babo ukuze bayise udaba enkantolo.UMnuz Vukani Mbhele okhulumela uNgqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuphatha uMnuz Senzo Mchunu uthe okwamanje udaba lukubaxazululi, wengeza ngokuthi bazolinda isinqumo sabo ukuthi sithini.
UMengameli wenyunyana yothisha iNational Teachers’ Union (Natu) uMnuz Allen Thompson uthe akubathusi ukuthi amalungu awawutholanga uchatha.
“Kujwayelekile ukuthi imali ingafiki ngesikhathi esilindelwe. Ngo-2018 nango-2019 imali ayifikanga ngesikhathi esasilindelwe kodwa yagcina ifikile,” kusho uThompson.
IMENENJA yenyunyana yezisebenzi zikahulumeni iPublic Servants Association (PSA) KwaZulu-Natal uMnuz Charles Ngubane isabisa ngokuthi bazoyisa uhulumeni enkantolo emva kokwephula isivumelwano sokunyusela abasebenzi amaholo
Uthe imali izonyuswa inqobo nje uma kungagudlukiwe esivumelwaneni.
Mayelana nesiphakamiso sokuthi izisebenzi zikahulumeni zelule isandla esikhwameni sokulwa neCorona, uNgubane uthe bayasamukela isiphakamiso kodwa wathi izisebenzi azingaphoqwa.
“Esikushoyo ukuthi akube sekuthandeni kwakhe umsebenzi ukuthi akhiphe kulesi sikhwama, uma ebona ukuthi angakwazi ukunikela. Abaqashi abangabaphoqi abasebenzi ukuthi banikele njengoba sizwa ukuthi kukhona ezikhungweni zikahulumeni abenza sengathi izisebenzi kumele zikhiphe lo mnikelo, ” kusho uNgubane.
Uqhube wathi noMengameli Cyril Ramaphosa ukwenze ngokuzithandela ukuthi athathe ingxenye yomholo wakhe ayifake esikhwameni.
“Njengoba sike sezwa nasezindabeni nophethe uVodacom uthi uzonikela, bonke labo bantu bakwenza ngokuzithandela,’’ kusho uNgubane.