INHLANGANO i-EFF ijoyine abagxeka inkulumo yeNhloko yamaJaji kuleli uMogoeng Mogoeng, ebukeke yeseka uhulumeni wakwa-Israel.
UMogoeng usegxijwe kakhulu ngakushilo engxoxweni ebibanjwe kwi-webnar yiJerusalem Post ne-chief rabbi yaseNingizimu Afrika, uWarren Goldstein.
Inhloko yamajaji kuthiwa ithe izwe lashweba ithuba lokubhekana ngendlela enokulingana nodaba lwakwa-Israel nePalestine.
Ugxekwe nayi-ANC nezinhlangano ezilwela amalungelo abantu ngoba zona zizwelana nabantu basePalestine.
I-EFF ithe lokho akusilo iqiniso futhi yafuna kube nobumbano embhikishweni wokusekela ukushaywa indiva kwe-Israel.
"Kufanee sihlangane sigxeke ukubuzwa kwenhloko yamajaji ngomkhankaso ngenxa yokuthi abantu abase-Afrika abenzanga into efanayo kubacindezeli. Lokho kuyabheda ngempela ngokomlando. Nanoma wubani onendaba nokuthi ingcindezelo nobandlululo kwaqedwa kanjani uzokwazi ukuthi kwaba wukungenelela kwabantu bangaphandle, okuhlanganisa imibhikisho nonswinyo,"kusho isitatimende saleli qembu.
"Ngabe akubanga bikho iNhloko yamajaji uMogoeng Mogoeng ophethe kwezomthetho kuleli uke leyo mibhikisho nonswinyo ekulweni nobandlululo akuzange kube khona."
I-EFF inxuse uMogoeng ukuba ahoxise le nkulumo yakhe.
Inhlangano elwela amalungelo abantu iBDS Coalition ifuna ikhomishini iphenye uMogoeng.