BABALISA ngokubulawa yinhlupheko abaneziqu zobuthishela abangasebenzi.
Othisha baKwaZulu-Natal abangaqashiwe bathi ukufunda kwabo sekuphenduke ize leze njengoba bengayitholi imisebenzi.
Bakusho lokhu ngesikhathi kunombhikisho eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngoLwesine.
UNksz Zanele Msomi waseShowe, uthe usehambe izifundazwe eziningi efaka izicelo zomsebenzi kodwa akaqashwa.
“Sengiye eGauteng naseLimpopo. Izicelo ngiyazifaka kodwa ingabuyi impendulo. Kwesinye isikhathi uyaye uzwe kuthiwa kunesikhala esikoleni esithile kodwa uma ufika khona bangakuthathi. Mhlawumbe ngosuku ngithumela izicelo ezingaphezulu kuka-100.”
UNksz Msomi unonyaka eqedile ukufunda. Uthe uzithole kanzima iziqu zemfundo ephakeme njengoba ekhaya engekho umuntu osebenzayo.
“Bengibamba amatoho ukuze ngikwazi ukuzibheka. Ekhaya ngingowokuqala ukufaka ijazi. Ekhaya babenethemba lokuthi ngizoqeda ukufunda, bese ngithola umsebenzi. Nakuba singakabi side isikhathi ngiqedile kodwa ngokubuka isimo sasekhaya ngingasho ukuthi sesiside isikhathi esengisihlalile.”
UNksz Bonakele Mthimkhulu wasoLundi, uthe impilo inzima kakhulu njengoba engawutholi umsebenzi.
“Kunzima, angifuni ukuqamba amanga. Abanye bethu bangabazali. Imindeni yethu ithembele kithina. Imindeni yethu yayinethemba lokuthi uma sigqoka amajazi, sizowenza umehluko.”
UNksz Mthimkhulu useneminyaka emibili ehleli ekhaya, uthe akusabayo ukuthi naye agcine esehlala iminyaka eminingi engawutholi umsebenzi.
“Kukhona asebehlale ishumi leminyaka bengawutholi umsebenzi. Ingakho ngithe angibe ingxenye yombhikisho wanamhlanje ngoba nami angifuni ukufana nabo.”
Umgqugquzeli we-United Unemployed Educators KwaZulu-Natal, uMnuz Mfanelo Mncube, uthe bafuna ukuba uNkk Dube-Ncube angenelele odabeni lokungaqashwa kwabo.
UMncube uthe banqume ukuya ehhovisi likaNkk Dube-Ncube emva kokungagculiseki ngezimpendulo abebezithola kuNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer.
UMncube uthe kuyabaxaka ukuthi kungani bengaqashwa ngoba zikhona izikhala ezikoleni.
“Ziningi kakhulu izikhala lapha KwaZulu-Natal. Inkinga umnyango wenza sengathi inkinga ukuthi kushoda othisha abaneziqu, kanti iqiniso ukuthi sikhona sibaningi esineziqu.”
Kube nendumalo kulabo thisha ngesikhathi betshelwa ukuthi izikhalazo zabo angeke zamukelwe uNkk Dube-Ncube, obethumele izikhulu zasehhovisi lakhe ukuba zamukele uhlu lwezikhalazo.
UNkk Dube-Ncube ubengekho ehhovisi lakhe eliseMgungundlovu, izolo, njengoba ebesemcimbini wokuyisa isiShayamthetho kubantu, obusesifundeni Ugu.